NISEBENZE unyaka wonke nibeka imali eniyisebenze kanzima, manje kubalulekile ukuthi niqaphele izigeleqeqe uma niyohlukanisa izimali zenu. Lawa ngamazwi ashiwo ngamaphoyisa eqwashisa abezitokufela. Amaphoyisa athe kungcono uma nihlukanisa izimali zenu nizifake kuma akhawunti enu, ngoba ukuphatha ukheshi kunzima, kyingozi ngoba banngi ogalakajane abacuthele ukukhuthuza bona abezitokufela ngoba bazi kahle kamhlophe ukuthi iningi lazo liyahlukanisa kulezinsuku. Aqhube athi ukuphatha isamba semali kuyingozi yingakho benxusa bonke abezitokufela ukuthi imali ihlukaniswe ngokuthi ifakwe kuma akhawunti awo wonke umutu emabhange, ukuvikela ukulahlekelwa imali oyisebenzele imali unyaka wonke. Uthe uma kukhona oyofka imali noma eyoyikhipha yesitokufela kumele aphelekezelwe ngabanye ukuze aphephe. Bathe konke lokhu kumele kukhokhwe ngezinhlelo ezisebenzisa ezobuchwepheshe.
Uhulumeni ubhizi uyakhuculula umonakalo odalwe zimvula KwaZulu-Natal
NGUNGQONGQSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe esitatimendeni umnyango wakhe ubhizi ngokukhuculula esiFundazweni...