UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, useqoke ithimba elibhekelele ukuxazulula izinkinga ezibhekene namakhosi. “ Kuyintokozo kimi ukuba ngethule ithimba engiliqokile ukuba lixazulule imibango esiyande kakhulu ezizweni zamakhosi. ISilo esakhothama uMdlokombane saqala uhlelo lokuthi iNdlunkulu kaZulu ibambe iqhaza lokuxazulula nokudala ukubuyisana lapho kuqubuka khona imibango ,”esho. Uqhube wathi ngethula ithimba Labantwana baseNdlunkulu abasebenze isikhathi eside noMdlokombane benza lomsebenzi. “Ukuzinikela kwabo kulomsebenzi wesizwe kuzoba nomthelela omuhle wokuthula nozinzo ezizweni zamakhosi. Umthetho i-KZN Traditional Leadership and Governance Act 5 ka 2005 unikeza iqunya kuNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni ukuba angamele zonke izindaba ezithinta ubukhosi,” kusho yena. Uthe ukwethulwa kwaleli thimba labantwanana elihlanganisa nezingwevu ezisebenze neSili esidala ezindabeni ezithinta ubukhosi , kuzoqinisa kusimamise isakhiwo sobukhosi KwaZulu-Natal. Ube esememezela amagama alelithimba:
UMntwana uMathubezizwe kaBhekuzulu (ozohola lelithimba
UMntwana uMbonisi kaBhekuzulu
UMnwana uVulindlela kaBhekuzulu
UMntwana uMxolisi kaBhekuzulu
UMntwana uLindi Kabhekuzulu
UMntwana uthuthukani kaMcwayizeni kaSolomon
Inyosi uBuzetsheni Mdletshe
UMfundisi uCanon Hamilton Mbatha
UMfundisi Canon Daniel Mthembu. Uphethe ngokuthi imindeni yamakhosi athintekayo kuzodingeka ukuba ibambisane nalelithimba izokwaziswa ngokusebenza kwalelithimba n