SEKUYANTWELA ezansi! Lokhu kulandelwa ukuthi uMnyango weZemfundo esiFundazweni saKwaZulu-Natal, umemezele ukuthi usuqalile ukukhokha imali engamaphesenti angu-1.5, kothisha abafundisa uGrade-R, kanye nokukhokhela izikole ebezibhekene nenselelo yokungakhokhelwa kwazo imali yokusebenza nsuku zonke ngenxa yokwentuleka kwemali kulomnyango.Okhulumela uMnyango weZemfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mhlambi, uthe emva kokuba uNgqongqoshe wezeZimali uMnu Enock Godongwana ,ememezele ukuthi uzofakela lomnyango uchatha noma anezelele imali kuwo , ngenkathi ethula inkulumo yakhe mhlaka 1 November 2023, yesabelo mali samaphakathi nonyaka. Uthe sebeyitholile incwadi bewumnyango ekuqinisekisayo ukuthi uNgqongqoshe uzobafakela imali yokuchibiyela kwisabelo zimali salomnyango, ngenkathi echibiyela uhlahlomali lweminyango okumele ithole ukungezelwa imali. “ I-KwaZulu-Natal, Provincial Executive Council, ihlanganile mhlaka 8 November, ngenhloso yokuphuthunyiswa kokukhokhela kweminyango eyahlukene engaphansi kwezemfundo imali abangakhokhelekanga yona. “ UMnyango uzokhokha imali engamaphesenti angu-1.5, okuyimali yabasebenzi, okwakumele bayithole mhlaka 1 July 2023, bazoyithola yonke kusukela kulesikhathi okwakumela bayithole ngaso,” esho. Uqhube wathi bonke abasebenzi okufanele bayithole le mali, bazoyithola mhlaka 15 December 2023. Uthe umnyango uyaqhubeka nokubhekelela izikole ebezikhahlamezekile ngokungayitholi imali yokusebenza nsuku zonke noma umxhaso lukahulumeni, zona bathi zoyithola mhlaka 15 November 2023. Uthe ngalemali engeziwe egqamuka kuNgqongqoshe wezeZimali,uMnu Godongwane, kuzophinde kubuyekezwe noma kungezelwe othisha abafundisa uGrade-R, imali, kanti bazoqala ukukhokhelwa lemali kusukela mhlaka 1 April 2023, (backdated), ngoba iyona nyanga okwakumele bayithole ngayo, ikanye nemali yokukhushulelwa kwezisebenzi zikahulumeni, kanti leyo mali yokukhushulwa kwemiholo bazoyithola mhlaka 30 November 2023. Kuvelile ukuthi uNgqongqoshe uNksz Mbali Frazer, kanye nezikhulu zomnyango bahlanganile nezinyunyana okubalwa kuzo-SADTU, NATU,NAPTOSA kanye ne-SAQU, bezodingida lona lolu daba obelunomthelela omubi kwezemfundo, ukuze baphume nomhlahlandlela. Uthe umnyango uqhamuke namasu ukuze kubhekwane nalesimo, kanye nezinselelo ababhekene nazo kanti nezinyunyana , zithole ithuba lokuveza imibono yazo , ukuze kuphunywe nesisombululo. Uqhube wathi izinyunyana zikuthokozele lokhu, nokuthola ithuba lokuthi umnyango uzibize zibe yinxenye yezixazululo, ukuze kuvikelwe amalungelo abafundi ,ukuze bathole imfundo engcono. “ UNgqongqoshe , Frazer, ubonge kakhulu othishanhloko kanye namathishela ukuthi bakuqinisekise ukuthi ukufunda nokufundisa akuphazamiseki nanxa bekukhona lezinselelo, nokuphinde baseke abantwana kuzivivinyo zabo, noma bebhekene nezinqinamba zezezimali. Uphethe ngokuthi kuyamjabulisa ukuthi kelesiFundazwe kukhona amathishela abeka abafundi phambili, kanye nekusasa labo.