NGUMEYA wesiFunda Amajuba uMntwana Ndabuko Zulu namalunga omphakathi kuqwashiswa ngesimo sokuguquguquka kwesimo sezulu. Izithombe Zithinyelwe
UMKHANDLU wsifunda Amajuba uholwa nguMeya uMntwana Ndabuko Zulu uphume umkhankaso wokuqwashisa ngesimo sokuguquguquka kwesimo sezulu.
Emizameni yokuqhamuka nezixazululo ezinkingeni ezibhekene nesifunda Amajuba zesimo sezulu esiguquguqukayo, phecelezi (Climate Change). IMeya kaMasipala wesifunda Amajuba uMhlonishwa uMntwana Ndabuko Zulu ehambisana neMayini iKhwezi, bahambele umphakathi wase-Dannhauser ngaphansi kuka wadi 4 KwaShongwe, eNyanyadu, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ukuyofundisa aphinde aqwashise umphakathi ngezinselelo eziza nokuguquguquka kwesimo sezulu ngenhloso yokubhekana nezinkinga zokuguguleka komhlaba, okwenzeka emathuneni akwaShongwe. “Lolu hlelo olubizwa nge (Climate Change Adaption) kuhlose ngalo ukubuyisela nokuvuselela umhlaba owohlokayo, njengoba umasipala uthole ithuba lokutshala izihlahla ezikwazi ukubekezelela isomiso kanye nesimosezulu esiguquguqukayo,” kusho abezokuxhumana kulomasipala, beqhuba bethi, lolu hlelo kuhloswe ngalo ukugcizelela kanye nokufundisa ngokongiwa kwemvelo nokuqwashisa umphakathi. Lolu hlelo luzofika namathuba omsebenzi nokuthuthukiswa kwamakhono entsheni yesifunda. “Ngaphansi kuka Masipala wesiFunda Amajuba indawo yase Dannhauser, iyona ebhekene nenkinga enkulu uma kuza ekugugulekeni komhlaba okudalwa ukusetshenziswa komhlaba ngokweqile. “Ingakho lolu hlelo lusondezwe kuwona lomasipala kanti luzogxila emphakathini ephethwe abaholi bomdabu. “Lolu hlelo luzokwenzeka kulamawadi okubalwa kuwo-4, 6 ,7 ,9 ,10 no-11, athinteka kakhulu ngokuguquka kwesimo sezulu.IMeya, Khansela uMntwana Zulu ekhuluma namalunga omphakathi ugcizelele ukubaluleka kokuqapha lapho umphakathi uthola khona izindawo zokwakha.“Sithathe isinqumo njengoMkhandlu ukuthi silusukemele phezulu loludaba lokuguguleka komhlaba,” kusho uMntwana uNdabuko Zulu. “ Uthe ikakhulu kazi uma isithinta amathuna lana kulele khona abathandiweyo bethu. Abacwaningi yibona abaselulekile ukuthi zikhona izihlahla esingakwazi ukuzitshala, zilekelele ukunqanda ukuguguleka komhlaba. Uphethe ngokuthi ingakho silana namhlanje ukuzotshala lezi zihlahla ezizosisiza ukunqanda lomonakalo. Siyanxusa kunina nonke ukuthi uma nibheka izindawo zokwakha noma izinduna zinisikela kube izindawo ezingenawo amanzi futhi eziphephile.”