INDAWO yesigameko lapho kusale khona abasolwa enkundleni. Isithombe.SITHUNYELWE
KUSALE enkundleni abasolwa abahlanu , abebesolwa ngokubamba inkunzi izimoto zemali ezigamekweni eziningi, kanti kwesakamuva senzeke ngoMsombuluko mhlaka 31 Mashi 2025,KwaMashu.
Kubikwa ukuthi laba basolwa basale enkundleni ngenkathi bedubulana namaphoyisa ngoLwesithathu ebusuku e-Richview ngase Chesterville.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni, kusale enkundleni abasolwa abahlanu ngenkathi bekudutshulwana namaphoyisa e-Richview, ngase Chesterville , izolo ebusuku (ngoLwesithathu).
“ Amaphoyisa abone imoto obekusolakala ukuthi beyihamba abasolwa e-Richview, okuthe uma eya kuyo , abasolwa baqala badubula bebhekise ngasemaphoyiseni nawo aphendula ngenganono , base besala enkundleni abasolwa abahlanu,” esho esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni, kushaqwe izibhamu ezine endaweni yesigameko.
“ Abasolwa bebevela esiFundazweni sase Gauteng, kanti kukholakala ukuthi oyedwa wabo ubengunqondonqondo ekubanjweni kwezimoto zemali inkunzi kuhlonyiwe ezweni lonke,” kusho uColonel Netshiunda.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, amaphoyisa ayaqhubeka nokuthungatha abanye babasolwa.