ZIDAKAMIZWA nemali okushaqwe kubafundi. Izithombe. ZITHUNYEWLE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka uncome amaphoyisa ngomsebenzi wawo omuhle, emva kokuba eshaqe inqwaba yezidakamizwa , nesamba semali kubafundi besikole samabanga aPhakeme i-Fairvale Secondary, esise Wentworth, ngaphansi kwesiFunda Umlazi, ngoLwesihlanu lolu.
Kubikwa ukuthi la maphoyisa abengu-60 agasele kulesi sikole engazelelwe, abe eseqala esesha abafundi , okuthe esesha asethola inqwaba yezidakamizwa, nesamba semali engadalulilwe nezinye izinto, ezingavumelekile ezikoleni.
UMnuz Hlomuka uthe esitatimendeni, amaphoyisa ashaqe inqwaba yezidakamizwa kanye nesamba semali engadaluliwe kwabanye babafundi besikole i-Fairvale Secondary, eWentworth , ngaphansi kwesiFunda saseMlazi.
“Lomkhankaso wenziwe ngoba lesi sikole bekune mibiko yokuthi kunodlame olubangelwa ngamagenge adayisa izidakamizwa,”kusho uMnuz Hlomuka esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni , le mibiko yodlame oludalwa ukudayiswa kwezidakamizwa obekuqhubeka ngaphakathi emagcekeni esikole.
“Amaphoyisa abalelwa ku-60- agasele kulesi sikole engalindelwe , afike asesha abafundi abesethola lezi zidakamizwa kanye nemali.
“Lokhu bekuhloswe ngakho ukuthi ukufunda nokufundisa kuqhubeke ngaphandle kwezihibe futhi izikole zigcine ziyindawo ephephile.
Uqhube wathi esitatimendeni , umnyango angeke ukuvumele ukuthi izikole zigcine ziyindawo noma inkundla lapho kuzobakhona ubugebengu n,odlame kuphinde kudayiswe nezidakamizwa khona.
“Lokhu koku dayiswa kwezidakamizwa kubeka izimpilo zabafundi encupheni futhi akwamukelekile,”esho.
Uthe esitatimendeni , singumnyango angeke sithule sisonge izandla ekubeni izidakamizwa zishushumbiswa ezikoleni , futhi kwenzeka nezinto ezingamukelekile , ezibeka izimpilo zabafundi encupheni.
”Ukuphepha kwabafundi , amathishela ezikoleni sikubeka phambili,”kulanda yena esitatimendeni.
Uphinde wanxusa abazali kanye nababheki bezingane ukuba badlale indima enkulu, ekutheni bahlale bezibhekile izenzo zezingane (activities), ukunqanda ukubhebhetheka kodlame ezikoleni kanye nokushushumbiswa kwezidakamizwa.
“Bhekani ukuthi izingane ziphetheni ezikhwameni zazo ngaphambi kokuba ziphume ziye esikoleni.
“Qinisekisani ukuthi izingane zenu ziyaziqhelelanisa nezenzo zobugebengu kanye nezidakamizwa,”kusho uMnuz Hlomuka esitatimendeni.
Uphethe ngokuthi ukuphepha kwezingane zenu kulele phakathi kwenu, umnyango kanye nezinhlaka zomthetho, yingakho kumele kubanjiswane ukuze kwakhiwe ikusasa lezingane.


