NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe. SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usejube amathimba ezezinhlekelele ukuba ame ngomumo njengoba zilokhu ziqhubekile izimvula ezinamandla ezihambisana nezikhukhula kanye nokuduma kwezulu.
Uthe esitatimendeni , lezi zimvula ziqagulwe ngabezangoma zezulu (South African Weather Services), phecelezi SAWS, eziqale ngoLwesibili , zizoqhubeka ngoLwesitahu zize zinqamuke ngoLwesine ngo-9 ebusuku.
Uqhube wathi lezi zimvula kulindeleke ukuba zigasele kulabomasipala abalandelayo, Abaqulusi, Alfred Duma, Indaka, Inkosi Langalibalele, Escourt, Dannhauser, eDumbe, eMadlangeni, Emthonjeni, Ethekwini, Impendle, Maphumulo, Mpofana, Msinga, Mthonjaneni, Mtshezi, Ndwedwe, Newcastel, Nkandla, Nongoma, Nquthu, Ulundi, uMhlathuze, uMlalazi, uMsinga, uMvoti, uPhongolo kanye nakumasipala uThukela.
“Lezi zimvula ezinamandla zizobe zilokhu ziqhubekile futhi zizocekela phansi inqalasizinda efana nemigwaqo esiFundazweni saKwaZulu-Natal,”kusho yena.
Uthe esitatimendeni, kulindeleke ukuba kulimale inqalasizinda efana nemigwaqo, amabhuloho, ukucekeleka phansi kwezindlu zodaka ziphinde zidale izingozi nasemikwaqeni, engase icekeleke phansi.
“Kulindeleke ukuba imigwaqo emikhulu eminingi ivalwe ngenxa yezikhukhula,” kuqhuba uButhelezi esitatimendeni.
UMfu Buthelezi esitatimendeni, unxuse izakhamizi ikakhulukazi lezi ezihlala kulabomasipala okuqagulwe ukuthi izimvula ezinamandla zingagasela kubo, ukuba , bagweme ukuwela imfula igcwele, bakhuphulele imfuyo ezindaweni eziphakeme kanti nazo izakhamizi ezihlala ezindaweni ezisemazansi ukuba zikhuphukele ezindaweni eziphezulu.
Uphinde wanxusa izakhamizi ukuba zihlale ezindlini futhi zingaluthathi uhambo olungenasidingo.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, kubalulekile ukuthi abezezinhlekelele bahlale besiqaphile isimo.