NGOKUBONAKALA kokuthi indawo yaseNquthu inezigameko eziningi zokubulawa kwabantu amaphoyisa abesenza uphenyo olunzulu. Kuvelile ukuthi ngelendlule umphathi wesiteshi saseNquthu usungule ithimba eliphuthumayo ngenhloso yokuqeda ngobugebengu obuhlosiwe ikakhulukazi okumbandakanya ukubulala osekudlangile kulelidolobha. Okhulumela amaphoyisa esiFundeni Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana uthe, inhloso lalelithimba lesikhashana ukuzama ukuqeda ngezibhamu ezingekho emthethweni. Uthe lelithimba libe seligasela emzini thizeni lapho lifike labopha khona umsolwa oneminyaka engu-30 otholakale nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe 303 rifle ebesinenhlamvu eyodwa. Lomsolwa uzovela enkantolo yaseNquthu maduzane ebhekene necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni Kanye nenhlamvu. “Abebekhona kulethimba iloluphiko lwamaphoyisa, Nquthu Vispol, Detectives kanye namalunga eMangeni satellite station , esingaphansi kwasesiteshini saseNquthu. UJenene Francis Slambert usishayele ihlombe lesisenzo samaphoyisa aseNquthu, wathi awaqhubeke alwisane nokubakhona kwezibhamu ezingekho emthethweni.