UMNYANGO wezokuBusa nokuBambisana nezoMdabu, uxwayisa umphakathi ngezimvula ezinamndla eziphelekezelwa iziphepho kanye nokuduma, namuhla ngoLwesibili. Kuvelile ukuthi lezi mvula zizodala izikhukhula. Ngokwesitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango uMnu Siboniso Mngadi, uthe abezimo zeZulu, baveze ukuthi kulindeleke izimvula ezinamandla eziphelekezelwa ukuduma ,futhi zolimaza nenqala sizinda kanti futhi bathi lezimvula sizesigabeni sesihlanu (level 5 alert). Uqhube wathi lezimvula zilindeleke ukuba ziqale kugamenxe ihora leshumi kuze kugamanxe ihora leshumi nanye (11), ebusuku. Uthe abezimo sezulu i-South African Weather Services , baqagule lokhu izolo ntambama ngoMsombuluko. “ Omasipala okulindeleke ukuba bakhahlamezeke ilaba:Abaqulusi, Afred Duma, Ladysmith, Dannhauser, eDumbe, eMadlangeni, Endumeni, Msinga, Mthonjaneni, Newcastle, Nkandla, Nongoma, Nquthu, Ulundi kanye nomasipala u-Phongola,” kusho yena , eqhuba ethi, umnyango usumise ngomumo abezezinhlekelele (Disaster Management Team), ukuba basiqaphe isimo ngehlo lokhozi , ukuze kungabi bikho izigameko zokundlula emhlabeni kwabantu. Uthe abezenhlekelele kanye nezinye izinhlaka basiqaphile isimo, ukuze kugwemeko ukundlula kwemiphefumulo uma zigasela lezimvula. Uthe umphakathi kumele nawo ukuqinisekise ukuthi uphephile ungabeki izimpilo zawo engozini ngokungalendeli lezixwayiso. “ Abahlala ezindaweni eziphansi, ibona abasengozini enkulu, uma kuzona lezimvula ezinamandla,” esho. Uqhube wathi abantu kufuneka baqinisekise ukuthi bayasuka kulezindawo eziphansi kodwa bafudukele kweziphezulu futhi eziphephile, bagweme ukucasha ngaphansi kwezihlala, ezigxobeni zamafoni kanye nasezigxobeni zikagesi. “Abashayeli bezimoto banxuswe ukuba baqikelele ukuthi abahambi ngezimoto kelesikhathi zalezimvula ezinamandla,”ephetha.