I-NHLANGANO yezokugembula i-Hollywood Foundation ibambisane ne- Amazulu Community Trust , bazohambela isikole samabanga aPhakeme i-Banqobile High ngoLwesine, ngenhloso yokuhambisa izinsiza kufunda.
Kubikwa ukuthi lenhlangano i-Hollywood Foundation kanye naMaZulu Community Trust bazovakashela lesi sikole ngoLwesine mhlaka 27 Febhuwari 2025, ngenhloso yokuhambisa izinsiza kufunda ngaphansi kohlelo nesiqubulo esithi ‘Back To School’, okuwuhlelo lenhlangano yezokugembula elwenza minyaka yonke.
Okhulumela lenhlangano yezokugembulu i-Hollywood Foundation uVuyisile Ngobese uthe esitatimendeni , sibambisene ne AmaZulu Community Trust sizohambela i-Banqobile High School ngenhloso yokuhambisa izinsiza kufunda.
Kuphinde kwavela ukuthi lesi sikole singaphansi kwesizwe saKwanyavu Tribal Authority, eCatoridge,ePietermaritzburg.
“ Lolu hlelo lokuhambisa izinsizakufunda kanye nemifaniswane sikwenza minyaka yonke uma kuqeda kuvulwa izikole,” kusho uNgobese esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, lokhu sikwenza ngoba sihlose ukuphucula izimpilo zabantwana futhi sifuna baphumelele ezifundweni zabo njengabaholi bakusasa.
Uphethe ngokuthi sibahambisela izinsiza kufunda ezidingakayo , wabe esemema nabezindaba ukuba babe yingxenye yalokuhanjiswa kwezinsiza okuzoba sesikoleni i-Banqobile, ngo 11.30 ekuseni.
Abafuna ukuqinisekisa ukuthi bazohambela lomcimbi bangaxhumana no Andiswa Mwandla lapha: amwandla@hollywoodbets.net noma bamshayele kulezinombolo:081 785 2402, kanti abanemibuza bangaxhumana no Vuyisile Ngobese, PR Officer for the Hollywood Foundation, at vuyisilen@hollywoodfoundation.co.za or call 072 841 5471