UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal , uthanda ukucacisela amathishela afundisa ezinkulisa (Early Childhood Development Practitioners Re-Contracts and Payments), ukuthi izinkontileka zabo zivuselelwa unyaka nonyaka bese bekhokhelwa. Kuvelile esitatimendeni esithunyelwe umnyango ukuthi minyaka yonke kuvuselelwa izinkontileka zabo ngaphambi kokuba bakhokhelwe futhi bakhokhelwa njalo mhlaka 30 April. Kuphinde kwavela ukuthi lesinqumo sathathwa umnyango wezemfundo kuzwelonke ukuthi izinkontileka zabo zivuselelwe njalo uma kuqala inyanga ka-April, minyaka yonke. UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer, uthe esitatimendeni bakhokhelwe namuhla (30 April 2024) abanye abafundisa ezinkulisa. Uqhube wathi ngeshwa kukhona abangakhokhelwanga , ngenxa yokuthi kukhona amadokhumente aselele ngemuva abangawalethanga ngesikhathi (due to incomplete documentation submitted), athe lokhu kwenzeke kwase kuvimba ukuthi izimali zabo zingasetshenzwa (missed Pay Run on 15 April 2024), kodwa ube esekuqinisekisa ukuthi mhlaka 3 May 2024, bonke abaselele ngemuva ekukhokhweni kwalezimali bazozithola nabo. Uphethe ngokuthi kumele lamathishela akwazi ukuthi bakhokha Kabili ngenyanga bekhokhela bona othishela basezinkulisa, singumnyango siyaxolisa kakhulu ngokuthi kubekhona abagcina bengakhokhelekanga , kodwa sizibophezele ekutheni bonke abantu bagcina bekhokhelwe.