NGAMAKHANSELA namalunga omphakathi abehambele umcimbi wentuthuko edidiyelwe. Isithombe.LANGELIHLE CHAGWE
SIBHEKENE nenselelo enkulu yokushoda kanye nokuphakela izakhamizi amanzi ngendlela ngenxa yenqalasizinda esindala kanye nokuvuza kwamapayipi.
“Namuhla sicele ukuba sibe yingxenye yalomhlangano nani njengamalunga omphakathi ngenhloso yokuthi sinazise ngamasu esinawo okuletha intuthuko ngohlelo lwettuthuko edidiyelelwe kanye nosabelo mali sonyaka wezimali ka-2025-2026,: kusho ibamba le Meya uKhansela Thembelihle Mthembu, eqhuba ethi lo mhlangano asiwuhlelele nje ukuthi kube yithina esizosho okuthize kini ,kepha siwuhlele ngenhloso yokulalela ukuthi yini enifisa ukuyibona ihamba phambili ezinhlelweni zikamasipala kunyaka zimali obalulwe ngenhla.
Uthe lolu olunye lwezinhlelo olwenziwa ngokulawulwa yimithetho yokuphatha omasipala ephoqa iphinde iqinisekise ukuthi ubuholi obusuke bukhona ngaleso sikhathi buxhumana nabantu mayelana nezinhlelo zentuthuko.
“ Enye yezinkinga esibhekene nayo wudaba lwezinhlekelele olushaya kakhulu izindawo zasemakhaya,
ikakhulukazi koDannhauser kanye naseMadlangeni.
“ Kuyintokozo ukuthi sithule kini ukuthi sesinayo indawo yethi ebhekelene nezinhlekelele (i-Disaster
Management Centre), yethu esekuthathe iminyaka ingapheli ukwakhiwa, kodwa lobu buholi sebuze bayiqeda ukuyakha, esho, eqhuba ethi nakuba isiqalile ukusebenza ngokugcwele, kodwa sinohlelo lokuthi siyithule ngokusemthethweni emphakathini ukuze abantu baqonde ukuthi yiziphi izinsiza ezizolethwa yiyo.
“Ngonyaka ophelile ngenkathi sinalolu hlobo lwemihlangano sakubalula ukuthi enye inkinga esibhekene nayo wudaba lwenkece oludalwa ukuthi abantu abaningi abanawo amandla okukhokhela izinsiza ezifana namanzi kanye nokuthuthuthwa kwendle.
“ Lokhu ke kudalwa ukungabi bikho kwamathuba emisebenzi kanye nokuthi imizi eminingi iholwa wogogo kanye nomkhulu, kanye nemizi ephethwe zingane njengoba abazali sebandlula emhlabeni, futhi nazo lezingane azisebenzi.
“UMkhandlu ngokuphoqwa yimithetho kanye nemigomo elawula omasipala unohlelo lokuqinisekisa ukuthi abantu esibahambisela izidingo kuba khona okuncane abakukhokhayo ukuze umkhandlu uzoqhubeka nokuhambisa izidingo kubantu,” kuqhuba yena.
“Asikusho ke ukuthi lukhona uhlelo lukashwele kulabo abangathathi ntweni (Indigent Policy ), esho , eqhuba ethi, siyacela kumalunga omphakathi ukuthi angasabi ukusondela kumasipala bezobhalisela lolu hlelo.
“ Nanamhlanje abasebenzi bethu bakhona ukuzolekelela labo abafisa ukusizwa ngalolu hlelo,” esho.
Uqhube wathi amafomu azotholakala njengoba sihambela kulezindawo yaseMadlangeni kanye naseDannhauser ukuze izakhamizi zibhalise kulolu hlelo.
Uthe sinomkhankaso wokusiza izakhamizi ukuba zibheke ama akhawunti azo , kanye nokuqinisekisa ukuthi lezi izikhonayo ukukhokha zibheke ukuthi aziselele yini emuva.
Uphethe ngokuthi athule isabelo mali sika-2025/26.