UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi esitatimendeni uhalalisele ibandla lamaNazaretha njengoba ligubha iminyaka engu-115 , lasungulwa.
Uphinde wandlulisa izilokotho ezinhle kumholi webandla Inkosi uNyazi Shembe.
“Isonto liyindawo engcwele futhi sisebenzisana nalo kakhulu,” kusho uMfu Buthelezi.
Uqhube wathi esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, leli bandla liyibandla elasungulwa ngabantu abamnyama futhi lilandelwa izigidi zabantu abamnyama ngenxa yenkolo yalo.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni leli bandla linomlando omude njengoba selokhu lasungulwa eminyakeni engu-115 linabalandeli abaningi.