KUNGENKATHI bekunoqeqesho lothisha bakaSonto sikole.Isithombe.SITHUNYELWE
LUGUJWE ngendlela ehlukile iviki lokuvikelwa kwabantwana (Child Protection Week), eDannhauser ,eNyakatho neKwaZulu-Natal, njengoba i-KwaZulu Natal Christian Council, i-Provincial Ecumenical Body ibambisana ne Trinity Fraternal yaseDanhauser, ngaphansi kwaMajuba beqeqeshe othisha bakaSonto sikole , abavela emabandleni ahlukahlukene.
Kuvelile ukuthi kuqeqeshwe la mathishela abevela emabandleni ahlukahlukene okuthe uma eqeda ukuqeqeshwa wona la mathishela abe eseqala enza umsebenzi wawo wokufundisa abantwana bakasonto sikole ngabakufundisiwe.
Isitatimende esithunyelelwe abezindaba ,” Sithi lolu qeqesho lumeme laphinde lahlanganisa amabandla ahlukahlukene ngenhloso yokuzocobelelana ngolwazi lokufundisa abantwana ngenkolo.”
Isitatimende siphinde sakuveza ukuthi kucashunywe encwadini ngenkathi kunalolu hlelo lapho uJesu wakugcizelela ukuthi akuvunyelwe abantwana beze kuye ( Let the Children Come to Me as the Kingdom of God is for those who are like Children), njengoba umbuso wezulu ungowabo.
Kuphinde kwavela ukuthi bonke laba abayingxenye ye KZNCC futhi abangaphansi kweTrinity bebehambele lona lolu hlelo lapho uMfu Nkululeko Khumalo ebeqeqesha khona amathishela ka Sunday School bamabandla ahlukene.
“ Lolu hleo bekungenye indlela yokufundisa abantwana ukuba bamesabe uNkulunkulu nokuthi kumqinisekiswe ukuthi baphila impilo engcono , bayavikeleka futhi babamba iqhaza elikhulu ebandleni kanye nasemakhaya njengoba ziningi izinselelo ezibhekene nentsha okubalwa kuzo izidakamizwa, nokukhulelwa kwentsha isencane nokunye.
“INhlangano i-Jamaa ehambisana ne University of KwaZulu-Natal yiyona ebiqhuba lolu hlelo loqeqesho,” kusho Dokotela uDumsane Ndlovu.
Uthe esitatimendeni, kuqeqeshwe amathishela kanye namavolontiya asebenza ngezingane emasontweni.
Uqhube wathi inhloso bekungukuqinisekisa ukuthi amasonto ahlala eyizindawo eziphephile okumele abantwana bakhosele kuzo.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni , lolu hlelo belwenzelwe abantwana abaneminyaka esukela kwemibili kuya kweyishumi nambili.