Uchonywe uphaphe legwalagwala iMeya yesiFunda uMzinyathi owesilisa waseMsinga oseqashe abahlanu ebhizinisini elingajwayelekile azisungulele lona lokwakha amabhala. UMnu Sthembiso Ntshaba ongumunye wosomabhizinisi abaxhaswe uMasipala uMzinyathi uthi ibhizinisi lakhe uliqale sakudlala enza amasondo amabhala ngoba ehlushwa omakhelwane bethi akabakhandele amasondo amabhala ngoba ebesheshe afe emabhaleni.
Uthi bekuthi uma esebafakele amasondo bese belayisha izinto ezisindayo kakhulu emabhaleni abo ngethemba lokuthi uma esebakhandele amasondo asesi -strong kanti azovele afe umzimba amabhala kusale isondo .
“Kuyilapho engifikelwe khona umqondo wokuthi ngenze umzimba ozoba strong njengawo amasondo ebese ngiwaqalile ngiwakha.
” Nempela ngawakha aphuma abantu baqala bawathenge ikakhulukazi laba abakhayo ngoba bebona ukuba strong kwawo bethi owasesitolo asheshe afe uma esindwa usimende. Ngibonga uMzinyathi engithe uma ngingqongqoza kuwo bangisiza bangithengela izinsiza kusebenza yonke into engiyidingayo ngisho imishini yokuqondisa umzimba, izinsimbi zokwakha ngisho nopende,” kusho yena.
Amabhala kaMnu Ntshaba kumanje esahlolwa ngabakwa-SABS uma bephothula lokhu kuhlola kwabo azobe esetholakalala nasezitolo okwamanje usawakha awadayisele ekhaya. Ngosuku njengoba esenezisebenzi uthi sebeyawenza amabhala amahlanu bawaqede ngosuku.
Imeya yoMzinyathi u-Ald PMS Ngubane uthi bayaziqhenya ngomsebenzi omuhle owenziwa nguMnu Ntshaba.
“Lamabhala akhe ehlukile aqinile. Sesithe akenze amageja nezimfoloko ukuze nathi sithenge kuye uma sidinga amathuluzi asezingadini. Lamabhala indlela amahle ngayo kasingabazi ukuthi azophasa kwa-SABS atholakale yonke indawo,” kusho imeya.