UGWETSHWE odilikajele abathathu uMxolisi Buthelezi oneminyaka engu-40 , yiNkantolo ePhakeme yase Pietermaritzburg, emva kokuba elahlwe ngamacala amathathu okubulala.
Kubikwa ukuthi uButhelezi ubevele engaphakathi ezitokisini elindele ukuba kuqulwe amacala amathathu elokuthumba, elokudlwengula kanye nelokubulala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe esitatimendeni ugwetshwe odilikajela abathathu uButhelezi emva kokulahlwa ngamacala amathathu okubulala iNkantolo ePhakeme yase Pietermaritzburg,ngoLwesibili lolu esisuka kulo.
UConstable Ngcobo uthe esitatimendeni ,uButhelezi ubelindele ukuqulwa kwamacala akhe ngaphakathi ezitokisini elokudlwengula, ukuthumba kanye nokubulala ngenkathi ephinde eyamaniswa nalana amathathu asemgwebile.
“UButhelezi wabe engumsolwa ekudubuleni abulale uBongani Xaba , eMvunyane, eMondlo , waphinde wayamaniswa namanye amathathu okubulala eNondweni,” kusho uConstable Ngcobo.
Uqhube wathi abaphenyi becala babe sebebheka icala elenziwa nguButhelezi lokudubula abulale umnikazi wamatekisi uMalusi Mabaso, mhlaka 2 Meyi 2022 , eNondweni kanye nabangani bakhe ababili uMlungisi Sikhakhane kanye nomunye owaziwa ngelikaThemba, yena owashonela esibhedlela.
Uphethe ngokuthi uButhelezi wavela eNkantolo kaMantshi waseNquthu kanti amacala akhe abe esendluliselwa eNkantolo ePhakeme yase Pietermaritzburg ,okuyiyona emgwebe odilikajele abathathu.