INKANTOLO ePhakeme yaseMadadeni igwebe owaziwa ngenkabi uSinqobile ‘Sgora’ Zondi’ oneminyaka engu-23 , uQondeni Mhlongo onemiyaka engu-50, Sandile Manqele oneminyaka engu-35 kanye no Ritta Mthembu oneminyaka engu-67 , odilikajele abane emva kokuba belahlwe ngamacala okubulala uSipho Sibisi owabe eneminyaka engu-38 kanye noLondiwe Shongwe owabe eneminyaka engu-25 , ngenkathi bedutshulwa bebulawa.
Kubikwa ukuthi uZondi ugwetshwe odilikajele ababili kwawokubulala bese kuba iminyaka engu-15 kwelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu, kwathi uMhlongo noManqele bona bagwetshwa odilikajele ababili umuntu ngamunye emva kokuba belahlwe ngamacala okubulala kanye neminyaka eyishumi ngamunye ngelokwakha itulo lokubulala kanti uMthembu yena ugwetshwe iminyaka engu-30, ebhadla ejele, yiNkantolo ePhakeme yaseMadadeni ngoLwesine lolu esisuka kulo.
Okhulumela amaphoyisa asesiFundazweni saKwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe esitatimendeni, uSibisi wabe enobudlelwane noManqele ngenkathi edutshulwa ebulawa ngoyaba lwezinhlamvu mhlaka 6 Ephreli endaweni yaseMhambuma, kwabe sekuvulwa icala lokubulala.
“ ULondiwe yena wadutshulwa wabulawa ngabantu abangaziwa mhlaka 27 Disemba 2022 endaweni yase Nsunduzame Reserve, eMacambini,” kusho uConstable Ngcobo, eqhuba ethi, uphenyo olunzulu olwenziwa ngamaphoyisa lwaholela ekutheni kuboshwe uZondi mhlaka 10 Januwari 2023, endaweni yakwaNyoni, kanti ngenkathi eboshwa watholakala nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe pistol nezinhlamvu eziyisishiyagalolunye.
Uqhube wathi esitatimendeni wabe esethatha amaphoyisa wa wasa endaweni yase Doringkop , eNewark lapho kwafike kwaboshwa khona abesifazane abathathu.
Ukuvezile esitatimendeni ukuthi laba babulawa ngoba kwakuhloswe ukuyokleyima imali yomshukarense.
Uphethe ngokuthi bonke laba abagwetshiwe banqatshelwa ibheyili kwaze kwashaya isikhathi sokugwetshwa ngoLwesine lolu esisuka kulo iNkantolo ePhakeme yaseMadadeni.