NGUNGQONGQOSHE wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka, nguMeya waseMkhanyakude uKhansela Siphile Mdaka kanye nezinye izikhulu zikahulumeni. Isithombe.SITHUNYELWE
UNGOQNGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka uthe esitatimendeni, isiFunda uMkhanyakude silenyusile izinga lokuphasa kukamatric uma kuqhathanyiswa neminyaka endlule ebalelwa kwengu-13.
Kubikwa ukuthi lesi siFunda uMkhanyakude sile nyusile kakhulu izinga lokuphasa yingakho uNgqongqoshe Hlomuka evakashele lesi sikole ngenkathi besinomcimbi wokuhalalisela kanye nokuklomelisa abafundi abaphasa ngamalengiso u-matric.
Kuvelile ukuthi uNgqongqoshe uMnuz Hlomuka ubehambisana neSekela Ngqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo kuzwelonke uNomalungelo Gina kanye neMeya kaMasipala wesiFunda uKhansela Siphile Mdaka kanye nezinye izikhulu zikahulumeni.
UMnuz Hlomuka uthe esitatimendeni , lesi siFunda uMkhanyakude sake saphuma unombolo 75 kuzifunda eziwu-75, saphinde saba ngunombolo-12 kuzifunda ezingu-12, lokhu okukhombisa ngokusobala ukuthi izinga balinyusile, besuka kunombolo gcina kuzwelonke nasesiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Uthe esitatimendeni, abafundi bebemelwe ngabazali babo ngekathi bezoklonyeliswa bephinde behalaliselwa ngoba iningi labo lisezikhungweni zemfundo ePhakeme.
Uphinde wangcoma kakhulu ongene ezicathulweni zosawasaphuma esikhundleni zokuba ngumqondisi emnyangweni wezemfundo kwisiFunda uMkhanyakude.
“Ngibonga kakhulu ngoba naso lesi siFunda sibe ngezinye ezikhiqize imiphumela emihle,” kusho yena, eqhuba ethi ubonga abazali, amathishela, abafundi kanye nabasebenzi bomnyango.
Uthe esitatimendeni ngokukhethekileyo ngibonga uMqondisi wakulesiFunda uMkhanyakude uMnuz Motha, ngokuthi baqhamuke namasu okuphucula izinga lokuphasa, bebambisene nazo zonke izinhlaka