SINGABANTU nathi siyafana nani! Lamazwi ashiwe ngumphathi wesiteshi sasOzizweni ngenkathi bebebambe igqaza kwakhelwa omunye womphakathi ohlwempu umama Elsie Sikhakhane (66), endaweni yase Annievale Farm , eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Lomama wakhelwa i-Nyatee Foundation ibambisane neminyango eyahlukahlukene kahulumeni, abamabandla kanye nosomabhizinisi abazimele. Umphathi wesiteshi saOsizweni uCol Michael Msebenzi Nkosi , uthe njengamaphoyisa nabo bangabantu yingakho bevela futhi beziseka futhi izinto zomphakathi. “Asibophi kuphela emphakathini sibuye sihlonze imindeni ehlwempu sixhumane nosomabhizinisi siyakhele imizi ikhakhulukazi lena entulayo,”kusho yena, eqhuba ethi , kukhona nomunye umuzi esiwuhlonzile endaweni yase-Blaaubosch , abantu bakhona bebehlala emkhukhwini. Uthe lokhu abakwenzayo kungaphansi kophiko olibizwa nge-Social Crime Prevention, oluhlose ukulwisana nobugebengu ngoba bekholelwa ukuthi izigebengu zihlala emphakathini futhi zaziwa yiwo umphakathi. Uthe amaphoyisa nawo angabantu futhi anawo ubuntu. Ongu-Project manager kuNyatee Foundation uMnu Vusi Mabaso uthe bebambisane nabezenkolo, amaphoyisa ama Community Crime Prevention babone kubalulekile ukuba bakhele umndeni wakwa-Sikhakhane umuzi ngoba umuntu ungumuntu ngekhaya. Uthe lo mama wakulomndeni obengaboni emehlweni futhi ephila nokukhubazeka ngoba uhamba ngenqola enesihlalo, kodwa manje ngokungenelela kwabo useyabona kancane ngoba bamhambisile wayosuswa ungwengwezi. Uthe bebambisane nenye inhlangano yabangcwabi Abaqulisi nezinye esezibalulwe ngenhla bazibophezele ekutheni basiza umphakathi wonkana, bebalo nomnyango wezokuThuthukiswa kwaBantu (Social Development). Uthe bayalekelelela ngezipongi, izingubo zokulala kanti futhi nasezikoleni bayangenelela njengenhlangano egqakambisa imfundo.