UMNYANGO wezokuthuthukiswa komphakathi ezokuvakasha nezemvilo uhambise isinxephezelo kuzakhamuzi saze Margate ezakhahlanyezwa zikhukhula kanye nezimvula ezinamandla. Kuvelile ukuthi i-Margate, ingaphansi kweRay Nkonyeni Local Municipality , lapho idolobha lakhona lakhahlanyezwa zikhukhula. Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe uNgqongqoshe walomnyango osubalulwe ngenhla uMnu Siboniso Duma, iMyeya yasoGwini ukhansela Sikhumbuszo Mngadi iMeya yaseRay Nkonyeni Municipality ukhansela Zodwa Mzinndle , nayo uMnu Duma , bahambe bayokhulumisana nabawebi basemgwaqeni bakulelidolobha ngenhloso yokuzwa ukuthi balahlekelwa kanjani kuhlasela izikhgukhula nezimvula ezinamandla. Kuvelile ukuthi baphinde bahambela isikhumulo sezindiza i-Margate Airport nayo eyakhahlamezwa zikhukhula, lapho befike bashiya khona isamba semali esiwu-R11 million yamarandi. “ Uphinde wancoma laboMasipala ababili ababamba iqhaza elikhulu ekukhuculileni lesikhumulo sezindiza ngenkathi sabe sikhahlanyezwa zikhukhula nezimvula ezinamandla,” kusho uMnu Duma, eqhuba ethi neMargate Beach yakhahlazameka. Uthe uyakhumbula ukuthi bekumele babuyisele ugesi, amanzi, kanye nenye inqalasizinda eyamoshakala kuhlasela lezi khukhula, base behlonza lendawo nalelidolobha njengendawo yenhlekelele. Uqhube wathi ubekhulumisana noMengameli wezwe uMnu Cyril ramaphosa, ngokwakuqhubeka ngesikhathi sezikhukhula. “ Ngiyajabula kakhulu ngoba uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, kuzwelonke uNksz Thembi Nkadimeng naye unokuxhumana okukhulu nongqongqoshe wesiFundazwe uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, ukuze , kusizwe izakhamuzi ezakhahlanyezwa zikhukhula. Uthe bengumnyango bathumela abasebenzi abasezingeni eliphezulu ukuba bezosebenzela esifundazweni sethu. Bajutshelwe ukwenza lokhu okulandelayo: abezomnyango wemvelo ukuba bazohlola isimo, baphinde bancede abawhebi basemgwaqeni (informal traders and hawkers), abasuswa ezindaweni abebesebenzela kuzo ngenxa yokukhahlanyezwa zikhukhula ukuthi bathole imali abazobeka ngayo ukudla etafuleni, ukungenelela ekutheni basizakale ngemigwaqo kanye nokunye okuyinqalasizinda, ukusebenzisana nomasipala ekungeneleleni kusikhumulo sezindiza esakhanyezwa zikhukhula. Uthe njengoba sibhizi ngokungenelela asikhohlwa ukutshela izakhamuzi ngokuguquguquka wesimo sezulu (climate change), bazi ngakho ukuze bahlale bebhekile ukuthi sikhona futhi siyamosha. “ Lokhu kuyinselelo enkulu ngoba siku 21fst century, njengoba namabhishi ebhekene nakho ukuguguleka komhlabathi,” esho, eqhuba ethi lokhu kudala ukuhlukumezeka kwezemvelo. Uqhube wathi ukuguquguquka kwesimo sezulu kuyinkinga enkulu ngoba kuhlukumeza imvelo kanye nesimo sezomnotho wesifundazwe. Uphethe ngokuthi kubalulekile kakhulu ukuthi zonke izinhlaka zikahulumeni nezinye ekutheni nayalwisana nokushintsha kwesimo sezulu.