YIZIKHULU zezemidlalo eMajuba.Isithombe.SITHUNYELWE
UBE yimpumelelo umhlangano wesigungu esiphezulu sezemidlalo eMajuba (Amajuba District Sports Confederation), obubanjelwe emahhovisi ezemidlalo eMajuba.
Kubikwa ukuthi kulomhlangano bekukhulunywa ngamaprojekthi ezayo kanye nasephothuliwe.
Oyisikhulu kulenhlangano uMpho Motha uthe esitatimendeni, bekukhulunywa ngokuthuthukiswa kwezemidlalo eMajuba , ukubika ngamaprojekthi aqhubekayo kanye namaprojekthi ahlongozwayo kanye nasephothuliwe, izinhlelo zomasipala mayelana nezemidlalo , ukuchibiyelwa komthetho sisekelo kanye nokundlulisela ezezimali (money transfers).
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, kuningi okudingidiwe mayelana nokuthatha le nhlangano ibekwe kwelinye izinga.