INKANTOLO eNkulu yaseMadadeni, eNewcastle, imgwebe iminyaka engu-50 ebhadla ejele umlisa oneminyaka engu-34 ubudala ngemuva kokulahlwa kwakhe nguxhaxha lwamacala okubalwa kuwo elokubulala, ukuthumba nokubamba inkunzi ngendluzula endaweni yaseMnambithi.
USinenhlanhla Khulekani Masango ogwetshiwe, kubikwa ukuthi wayephakathi kwalabo abaphoqa umufi, uMnuz Suresh Rajkoomar (64) ,nayehamba nabo, amagama abo angaziwa bebakhombe ngesibhamu ukuba bangene emotweni bayibhekisa kwaThandi ,eMnambithi, okuyilapho bafuna khona imali ngenkani.
“Ngenkathi kuba nokushudulisana phakathi kukaRajkoomar noMasango, kwadubuleka uRajkoomar esifubenin noMasango naye wadubuleka edolweni wabe eseyabaleka ephuthuma esibhedlela ngoba wabe edubulekile naye.
Nakuba ayesedubulekile uMasango, kodwa wakwazi ukushayela aze afike elokishini laseZakheni, lapho afika washiya khona imoto, wabe eselaxaza uRajkoomar owabe eseshonile emgwaqeni,” kusho isitatimende samaphoyisa.
Kubikwa ukuthi umuntu owabe ezidlulela wabona abagilwa emgwaqeni ababelele benamanxeba okudutshulwa kodwa besaphila, wabe esehlaba umkhosi ebikela amaphoyisa aseEzakheni, afika ngokushesha endaweni yesigameko, athola uRajkoomar eseshonile, lo omunye owayedubulekile yena wadluluselwa esibhedlela eZakheni . Abe eseqala ukuthungatha uMasango ngokuncinzwa indlebe ngomkhondo wakhe ngamalunga omphakathi.
Kuthiwa ngenkathi amaphoyisa elandela umkhondo, athola uMasango emtholampilo wase Zakheni, kwa-C, lapho ayeyofuna khona usizo lokwelashwa kulandela ukudubuleka kwakhe esigabeni sokubamba inkunzi, nokuyilapho-ke ezabe sezimkhalela khona.
Wenqatshelwa ibheyili, kanti futhi ulibofuzo lwalumhlanganisa nesigameko sokudubula nokubamba inkunzi ngenkathi kunokushudilisana.
Ofakazi benkantolo bethula ubufakazi babo.
UMasango wabe esegwetshwa iminyaka engu-15 ngelokubamba inkunzi kukhlonyiwe, engu-15 ngelokuthumba kanye nodilikajele weminyaka engu-25 kwelokubulala.