UGWETSHWE iminyaka engu-68 uXolani Phakamisa oneminyaka engu-36 yiNkantolo yesiFunda i-Dundee, emva kokuba elahlwe icala lokudlwengula owesifazane owabe eneminyaka engu-25 , wase Sithembile eGlencoe ngoMashi 2022.
Kubikwa ukuthi uPhakamisa ulahlwe ngamacala amathathu okudlwengula kanye nelokushaya ngenhloso yokulimaza elilodwa.
Okhulumela amaphoyisa esiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni uXolani Phakamisa ugwetshwe iminyaka engu-68 emva kokuba elahlwe ngamacala amathathu okudlwengula kanye nelokushaya ngenhloso yokulimaza.
Uthe kwavulwa icala lokudlwengulwa ngo Mashi 2022 ,idokodo labe selinikezwa uSeargent Nolwandle Buthelezi woPhiko lweDundee Family Violence ,Child Protection and Sexual offences Unit (FCS), ukuba aliphenye.
“ Uphenyo lwaveza ukuthi lesigilamkhuba uPhakamisa sahlasela isizulu ngezintathakusa ngenkathi isizulu sasisendleleni eya ekhaya.
UPhakamisa wabe eseshaya isisulu maqede wasidonsela endaweni emnyama lapho afika wasikhumula , wasidlwengula amahlandla amabili ngaphambi kokuba asithathe asiyise endlini yakhe( uPhakamisa), waphinde wasidlwengula isisulu,” kusho uConstable Nkwanyana.
Uthe esitatimendeni sathungathwa lesigilamkhuba (uPhakamisa) saze satholakala saboshwa futhi senqatshelwa ibheyili saze sagwetshwa ngelendlule.