UHULUMENI ezinhlelweni zokuphuthumisa usizo kulabo abakhahlanyezwe zimvula ezinamandla ebezihambisana neziphepho, ezishiye abantu abawu-1000, zandlula nemiphefumulo yabantu abawu-10, zacekela phansi izindlu nenqalasizinda.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNksz Thembi Nkadimeng ehambisana nabanye ongqongqoshe okubalwa kubo owezokuHlaliswa kwaBantu uNksz Mmamoloko Kubayi, owezokuThutha uNkk Sindiswa Chikunga , uNdunankulu wesiFundazwe i-Eastern cape, uMnu Oscar Mabuyane, oSekela ngqongqoshe, iziMeya , oSekela Meya base Nelson Mandela Bay Metro, bahlangane kuqala kanye nabe Disater Response Teams, ukuze bachazeleke ngomonakalo odalekile kuhlasela lezimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphepho. Kuvelile ukuthi emva kokuhlangana kwabo babe sebevakashela eQunu,, Izinyoka, Nomakanjani, Bongweni kanye nase Kariega, ukuyobona umonakalo odalekile.
UNksz Kubayi unxuse ukuba basuswe ngokushesha labantu abakhahlamezekile bayofakwa ezindaweni zesikhashana besalinde ukulungiselwa imizi yabo ecekeleke phansi kuhlasela lezimvula nezikhukhula. Uqhube wathi kuyabonakala ukuthi ukubakhela kungathatha isikhathi eside yingakho bebone ukuthi abayohlala ezindaweni ezingolindela, futhi eziphephile besahlela ukubalethela usizo. Unxuse kakhulu izakhamuzi ukuba zihlale ziqaphe ngelokhozi ngoba lezimvula ezinamandla kuqagulwa ukuthi zisazohlasela, kanti futhi uphinde wanxusa nabashayeli ukuba bashayele ngokucophelela , kanti wexwayisa ukuthi nezakhamuzi ukuba zingalokothi ziwele imifula edla izindwani.
UNgqongqoshe Nkadimeng ube esnxusa i-National Disaster Management Centre (NDMC), ukuba isebenze ngokubambisana ne-Joint District Operations Centre, yesiFundazwe sase Eastern Cape,nohulumeni wesifundazwe kanye nomasipala ukuze kusheshwe kuletho usizo kulabo abakhahlazemekile noma abayizisulu zezikhukhula. UNdunankulu uMabuyane uthe bafisa ukusheshisa balethe usizo kwizakhamuzi ezikhahlamezekile.
“ Okwamanje uhulumeni ubhizi uhlola umonakalo odalekile kanti futhi unxuse umphakathi ukuba ubambisane kulesikhathi sobunzima, kanti futhi ukuqinisekisile ukuthi bazohlala bebaxwayisa ngesimo sezulu,” kusho uMabuyane. Uphinde wanxusa izinhlangano ezizimele kanye nosomabhizinisi ukubanabo bavele futhi bafake isandla ekulekeleleni izisulu zalezimvula ezinamandla