YIZAKHAMUZI ngenkathi bekuyokhuzwa impi esindlule nemiphefumulo eyishumi endaweni yaso Onyango.
UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, obehambisana nezikhulu zikahulumeni wesifundazwe banxuse ukuthelelana amanzi phakathi kwezigodi ezibhekene ngeziqu zamehlo okungesasoNyango naKwaMusi, KwaNongoma, osekuholele ekuchithekeni kwegazi.
Kubikwa ukuthi le mpi yezigodi esikapakele naseGoli njengoba abanye ababandakanyeka kuye besebenza khona, isidlule nabantu abayishumi asebebulewe, kwaphazamiseka nokufunda ezikoleni zendawo kwaphoqa nokuthi ezinye zezakhamizi zibaleke emakhaya ziyocasha emahlathini zisabela impilo yazo.
“Lo mhlangano bekuhloswe ngawo ukuyoqhamuka nesixazululo esizobuyisa uzinzo kuphele nempi esidlule nemiphefumulo yabantu abalishumi. Uma kunengxabano ayixazululwe ngokuxoxisana, hhayi ngezikhali,” kusho uMfu Buthelezi, obehambele KwaNongoma ngoMsombuluko nongqongqoshe beminye iminyango kahulumeni wesifundazwe.
Emhlanganweni ababenawo nezakhimizi zakulezi zigodi ezithintekayo kule mpi, bakhuze banxusa nezakhamizi ukuba zidedele ingalo yomthetho nazo zonke izinhlaka zomthetho ukuba ziqhube umsebenzi wazo bangazithatheli umthetho ngezandla.
Lo mhlangano ubuhanjelwe ngubuholi basebuKhosini baKwaZulu, iMeya yoMasipala wesifunda iZululand, uMnuz Michael Khumalo, neMeya yoMasipala waKwaNongoma, uMnuz Clifford Ndababandaba kanye noKhansela Sikhakhane.
UMfu Buthelezi uthe umnyango wakhe uzosebenzisana neminyango kahulumeni ehlukahlukene ukuze kwakhiwe izinhlaka zomphakathi, kube nemihlangano kudlalwe nezemidlao ukuze kunqandwe le mpi.
“Sifisa ukuhlela imidlalo yebhola likanobhutshuzwayo njengoba kuza uZibandlela ukuze sakhe ubumbano emphakathini wakule ndawo, okuzobuyisa ithemba ukuthula nozwano,” kuqhuba uMfu Buthelezi, oveze nokuthi sekukhona asebeboshiwe kwashaqwa nezibhamu ezingekho emthethweni.