Sunday, June 8, 2025
DONATE
PROFILE
  • Login
  • Register
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
ADVERTISEMENT
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
Subscribe
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
No Result
View All Result
Home Letter Community

Ukugcatshwa kwezingane ubugebengu lobo

by Langelihle Chagwe
August 5, 2024
in Community
Reading Time: 2 mins read
A A
0
Ukugcatshwa kwezingane ubugebengu lobo
Share on FacebookShare on Twitter
ADVERTISEMENT

UKUGCATSHWA kwabantu ubugebengu lobo! Lokhu kushiwe abaholi bendabuko abebekhuluma bephindelela ukuthi bona ababagcabi izingane ezineminyaka ngaphansi kwewu-18. Baqhube bathi abelaphi ingane eniminyaka engaphansi kwewu-18 futhi uma ifika bathi mayiyolanda umzali. Baqhube bathi ukgcatshwa kwabantu ubuthakathi lobo akusibona ubunyanga. Obekhulumela izinyanga uMnu Mdluli ongumelaphi wendabuko uthe uthe akekho umelaphi wendabuko owelapha ingane eneminyaka engaphansi kwewu-18 kodwa loyo usuke engumthakathi. Uqhube wathi futhi umlaphi wendabuko uma elapha akambi eqolo ngoba lomsebenzi usuke ewunikwe abadala ukba aphilise abantu. Uthe akuvumelekile ukuthi umelaphi wendabuko obhaliswe ngaphansi kwenhlangano yabelaphi bendabuko ukuba afake umuntu ibhande ngoba lokho kusho ukubhebhezela impi, umthakathi loyo. Uqhube wathi thina siyaqeqeshwa ngalomsebenzi wabelaphi bendabuko futhi sinezitifiketi ezisigunyaza ukba silaphe. Uphethe ngokuthi labo abasuke begcaba izingane bezithwasisa zingcane ngaphandle kwemvume yomzali zigebengu ezisuke zizifunela imali gqa. USihlalo weCommunity Policing Forum uNksz Ziningi Kunene ukhwele wadilika kubelaphi bendabuko wathi ababasize njengohlaka olumele umphakathi ukuba kulwisane nobugebengu. Uthe bonke abafanyana abayintsha abahlupha umphakathi bengamagenge aqhuba ubugebengu batholakala begcatshiwe befake namabhande uma beboshwa. Uthe badinga usizo olukhulu kubelaphi bendabuko ukuze babatshengise abelaphi bendabuko bempela kanye namaqili agcaba izingane ukuba zibe ondlavini.” Nginxuse abelaphi bendabuko ukuba basikhombise izitifiketi sabelaphhi bendabuko ukuze sazi ukuthi zibonakala kanjani, nokuthi kuzomele siphume umkhankaso nabo sihambe sibheke izindawo zabelaphi bendabuko ukuthi zisemthethweni yini,” kusho uWO S.M. Uqhube wathi lokhu kuzosisiza ukuba  sikwazi ukubabopha ngokosomqulu wamacala(CPA)ongu Act No:22 /2007  I Traditional Act. Uthe lokho kuzosiza ekuvikeleni ubudlabha okusolakala ukuthi kwenziwa abelaphi bendabuko babe qotho basebenze ngaphansi komthetho wabelaphi bendabuko kungabonakali umuntu esesebenza njengomelaphi wendabuko ongabhalisiwe futhi ongaziwa lapha emajuba. Uqhube wathi  thina njengamaphoyisa kusikhathaza kakhulu ukuthi njalo ngempelasonto sihlangabezana nemingcwabo lapho intsha esemaqenjini noma amagenge ivuka ubudlova iphethe nezikhali,inezincweba nezimpondo, izingcabo, nemigexo nezintambo ngenxa yabalaphi bendabuko. “ Entsheni ewu-5, kwemibili kuya kwemithathu kutholakale lezinto emzimbeni yabo,”esho. Uqhube wathi yingakhoke singamaphoyisa sicele ukuthi siphume umkhankaso nabelaphi bendabuko  abasemthethweni ukuthi sibheke izidleke zabelaphi mbumbulu,.hleze lezigameko esizibonayo zizoncipha ,ngoba ezinye zazo lezigameko ziyangenelela ezikoleni nasemtholampilo. “Phakathi noMay,a October Kanye nonoNovember ziyavuka lezigameko endaweni yasoSizweni,” elanda. Uphethe ngokuthi abelaphi bendabuko basishayele ihlombe lesiphakamiso esenziwe ngamaphoyisa asOsizweni sokuthi kuphunywe lomkhankaso wokubheka abelaphi bendabuko mbumbulo ngoka kuqondwe ngakho ukulwisana nobugebengu, waphinde wabonga zonke izinhlaka eziphumelele ukuba yingxenye yalomhlangano obunohlonze ngoba bekubizwe zonke izinhlaka zikahulumeni.

Langelihle Chagwe

Langelihle Chagwe

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers. It aimed in promoting reading and to disseminate informatio or to inform the community at large about the news that is happening around them. It also aimed at promoting the culture of going back to basics and promote the reading using indigenous languages which is now fading. Going online will also help to educate, inform the public about news happening around them and nationally.

Related Posts

Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli

Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli

by Langelihle Chagwe
June 6, 2025
0
3

SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...

Kulindeleke lukhulu kowe Khaba Cup eMlazi

Kulindeleke lukhulu kowe Khaba Cup eMlazi

by Langelihle Chagwe
June 5, 2025
0
3

KUNGENKATHI kutonyulwa amaqembu azoqhudelana kwiKhaba Cup.Isithombe.SITHUNYELWE KULINDELEKE lukhulu emqhudelwaneni webhola likanobhutshuzwayo owaziwa nge Khaba Cup lapho kuzobe kuqhudelana khona amaqembu...

Ungqongqoshe kowengoma

Ungqongqoshe kowengoma

by Langelihle Chagwe
June 1, 2025
0
3

NGUNGQONGQOSHE nethimba lakhe.Isithombe.SITHUNYELWE SIHAYELWE ihlombe isenzo sikangqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali uMfu Thulasizwe Buthelezi sokuba yingxenye yeNgoma KaZwelonke....

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

by Langelihle Chagwe
May 28, 2025
0
3

ZIMPAHLA ezitholakale kumakhontiyena. Izithombe.ZITHUNYELWE KUTHOLAKALE izimpahla ezingombombayi (fake) , ezingabiza imali engu-R400 million lapho kugcinwa khona impahla i-Edwin Swales, eThekwini...

Awukho umuzi ongenayo indlu yangasese

Awukho umuzi ongenayo indlu yangasese

by Langelihle Chagwe
May 20, 2025
0
3

NGUDR Vusi Shongwe. Isithombe.SITHUNYELWE KUYADINGEKA futhi kubalulekile uma omunye wethu evelele ngalokho uNkulunkulu amumbathise kona, sincome, simhalalisele. Ngihamba nobaba uDokotela...

 Kudutshulwe kwabulawa imigulukudu emithathu,e-Nanda

 Kudutshulwe kwabulawa imigulukudu emithathu,e-Nanda

by Langelihle Chagwe
May 13, 2025
0
3

SIBHAMU ezishaqwe kubulawa imigulukudu.Isithombe.SITHUNYELWE KUDUTSHULWE kwabulawa imigulukudu emithathu endaweni eyaziwa ngeZimbabwe,Amaoti, e-Nanda, ngenkathi bekudutshulwana namaphoyisa ngoMsombuluko (izolo),ntambama. Kubikwa ukuthi lesigameko...

Recommended

John Eriourolo, a force to be reckoned with in the wine industry

John Eriourolo, a force to be reckoned with in the wine industry

3 months ago
3
Ngangingazi ukuthi ngogcina senguwumlingisi oqavile

Ngangingazi ukuthi ngogcina senguwumlingisi oqavile

9 months ago
3

About Us

Izwi Lomphakathi Newspaper

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers.

Associations

Category

Socials

Newsletter

  • About
  • Advertise
  • Subscribe
  • Contact
  • Terms & Conditions
  • Privacy Policy
  • Cookie Policy (ZA)

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

No Result
View All Result
  • Politics
  • Municpality
  • Local Business
  • Provincial
  • National
  • Entertainment
  • Events
  • Schools
  • Announcements
  • Sports
  • Community
  • Letter
  • Crime
  • People
  • Local Heros
  • Food

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

Welcome Back!

Login to your account below

Forgotten Password? Sign Up

Create New Account!

Fill the forms below to register

All fields are required. Log In

Retrieve your password

Please enter your username or email address to reset your password.

Log In
Manage Cookie Consent
We use technologies like cookies to store and/or access device information.
Functional Always active
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
Preferences
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
Statistics
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes. The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
Marketing
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage options Manage services Manage {vendor_count} vendors Read more about these purposes
View preferences
{title} {title} {title}