UKUSEBENZA ngokukuzikhandla kanye nokuqapha isimo sezulu esingesihle kusindise imindeni eminingi eLadysmith, ngenkathi kuhlasela izimfula ezinamandla nezikhukhula! Kuvelile ukuthi ukuhlala uqaphile isimo sezulu ngabe Management Disaster Teams, okukhona kuyo amaphoyisa (SAPS), Traffic Police, Emergency Services kanye nezinye izinhlaka ebeziqaphile ngoMsombuluko ebusuku zibhekelele ukutakula abantu emva kokuba abes-South African Weather Services bexwayise umphakathi baphinde baqagula ukuthi kuzohlasela izimvula nezikhukhula bahlale belindile ukuthi baphuthume lapho bezogwema khona izinhlekelele zokundlula emhlabeni ngenxa yezikhukhula. “ Ngokubona kwalezinhlaka esezibalulwe ngenhla ukuthi amanzi ayagelelza agelezela edololobheni i-Ladysmith, okubalwa kuwo umgwaqo ongu-N11 faka iLadysmith neNewcastle, babe sebevala umgwaqo okwesikhashana , ukugwema izingozi ngoba ebemaning lamanzi abegeleza emva kwemvula enamandla,” kusho okhulumela uMnyango wezokuBusa kanye nokuBambisana nezoMdabu, uMnu Siboniso Mngadi, eqhuba ethi, bakwazile ukukhipha abantu abangu-70, maphakathi nedolobha iLadysmith, babe sebebathuthela endaweni ephephile i-Indoor Sport Centre. Uqhube wathi baphinde bayothatha abangu-15 bebasusa endaweni yase Steadville babathuthela eholweni lomphakathi. Uthe abagcinanga lapho ngoba kudingeka ukuthi baphuthume eMatiwane lapho nakho befike bahlenga abanye abangu-23, nabo ababakhselise eholweni lomphakathi. “ IProvincial Disaster Teams ibambisane ne Al-Imdaad Foundation kanye neSouth African Red Cross, bancede laba abakhahlazemikile ngezingubo zokulala, omatilasi kanye nokunye okuyizinsiza,” esho. “ Abanye abahamba nalamathimba asebalulwe ngenhla baphinde baphuthuma endaweni yaseMsinga, lapho ebebephuthuma ukuyohlenga abanye abaqashile kwiyinxanxathela yokuqashisa abantu (block of rental flats), eyakhe eceleni komfula omkhulukazi uThukela, ngoba babone umfula ungenisa mawala emva kwezimvula, beyohlenga abahlala kulendawo,” elanda. Uthe bonke laba abakhishwe kulezindawo bazobuyela emizini yabo uma isimo sesibuyele kwesijwayelekile. Uqhuba wathi isimo sisiqaphe ngeloKhozi ngoba vele nathi siyazi ukuthi iskhathi sezimvula ngoba kusehlobo. UNgqongqoshe walomnyango osubalulwe ngenhla uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, ubonge ukubambisana okukhulu phakathi kwaleminyango esibalulwe ngenhla ukuze kugwemeke ukundlula emuhlabeni kwabantu ngenxa yezikhukhula. Uqhube wathi bathanda ukundlulisa amazwi enduduzo kulabo abalahlekelwe imindeni kanye nezihlobo, wangawashiya amabhizinisi okucekeleke phansi impahla ezitolo zawo ngenxa yezikhukhula. Uthe sibonga ukuphuthuma kwalamathimba aye kulabo izimpilo zabo bezisengozini ngenxa yezikhukhula, ngoba kuzokhumbuleka ukuthi lezi khukhula sezindlule nemiphefumulo emining esiFundazweni. “ Sizoqhubeka sincede umphakathi wakithi okhahlazekile kanti sifisa ukuxwayisa umphakathi ukuthi , uqikelele ukuthi uhlale ezindaweni eziphephile hhayi futhi lezi eziphansi ngoba lokho Kubeka izimpilo zabo encupheni yokugugulwa zikhukhula,” esho. Uphethe ngokwazisa umphakathi ukuthi lamathimba abhekelele ezezinhlekelele ukuthi azolibe ekhona eqaphe isimo kulezindawo ezijwayele ukuhlaselwa zikhukhula.