KWESIPHEZULU nguMnu Pitshana Paulos Dlamini, kwezingaphansi nguNksz Khanyisile Dlamini indodakazi yomlimi, uMnuz Dumsane Ndlovu, uMnuz Khehla Dlamini, uMnu Dumsane Moyo kanye noMnu Pitshana Paulos Dlamini umlimi okhubazekile ovakashelwe etshale , ehlakulela isivabde sakhe, kanye nabalimi base Wadi 13
UKUKHUBAZEKA esekhulile akumvimbanga, uMnuz Pitshana Paulos Dlamini, waseDiphini, eFulathela, eNewcastle ekuqhubekeni nokulima izivande zakhe.
UMnuz Dlamini (85) echaza ngokukhubazeka kwakhe uthi wakhubazeka, ngokufa isengezansi angasakwazi ukuzihambela, ngoba esehamba ngokulekelelwa zinduku, esebenza enkampanini kaloliwe, i-Spoornet, eNewcastle, ayesesebenze kuyo iminyaka engu-33, okwaphoqa ukuthi anikwe impesheni yokugula.
“Ngaphuma impesheni yokugula ngonyaka u-1999, kodwa angizange ngithi ngoba sengigula ngingabe ngisaqhubeka nothando lokulima, okuyinto eyayisegazini kimina, njengoba kwakuthi uma ngibuya emsebenzini ngiye emasimini, ngilima umbila,” kusho uDlaminini emamatheka, kukhombisa ukuthi ukhuluma ngento ayithandayo.
“Ugqozi lokulima lwaqhamuka kimi ukuze ngilime ngiziphilise, ngiphilise nesizwe ngoba engikutshalile ngiyakudayisa uma sekulungile futhi umphakathi uyangithengela kakhulu, uza ngobuningi bawo ukuzothenga izitshalo zami.
“Uthando lokulima luphuma enhliziyweni kimi futhi angikaze ngixhaswe noma kubekhona abeluleki abaqhamuka emnyangweni wezolimo abake bafika lapha ekhaya bezongixhasa noma bezongeluleka ukuthi ngilime kanjani.
Eminyakeni emibili edlule ngabe sengiyeka ukulima umbila ngaqala isivande sami khona ejalidini lami lapha ngitshala khona.
Umnotho usenhlabathini, ngiyaye ngizwe ubuhlungu uma ngibona intsha nabadala begibela amabhasi beyosebenza ngoba bashiya umnotho emakhaya abasuka kuwo, ngoba umnotho usenhlabathini,” kusho uMnuz Dlamini, ematasa ehlakulela izitshalo zakhe.
Ube esenxusa intsha namalunga omphakathi ukuba atshale izivande, njengoba uhulumeni wakugqugquzela ukuthi ikhaya nekhaya kumele libe nengadi.
Phezu kokuba ehamba ngokulekelelwa yizinduku, kodwa uthi uvuka ngo-4 ekuseni nsuku zonke ubusika nehlobo, achelele izitshalo zakhe, aphinde azihlakulele, esebenzisa izinto zakhe zokuphepha azisebenzisa uma etshala ngoba utshala eguqe ngamadolo futhi uzifaka emadolweni ukuze angahuzuki, kanti uma ehlakulela izitshalo uziphosa le izinduku.
Le nsizwa endala ehlala nendodakazi yayo eneminyaka engu-38, uNksz Khanyisile Dlamini, Dlamini nayo ebuye imelekelele, ube esekhala ngoxhaso lokubiyela ngoba efisa ukukhulisa isivande sakhe ngoba unayo indawo inkulu egcekeni lakhe lokutshala okuningi.
“Uma ngingathola uxhaso locingo ngingakwazi ukubiyela kahle indawo yami ukuze ngiqhubeke ngitshale. Inselelo engibhekene nayo ngamanzi lawa ahamba yonke imihla kaThixo kodwa noma kunjalo akungivimbi lokho ukuba ngiqhubeke ngitshale. Nginisela ngawo izithombo zami amanzi, yiwona engiwadinga kakhulu.”
UDlamini okumanje esivandeni sakhe utshale isipinashi, u-anyanisi, amazambane, upelepele oluhlaza (green paper), ukherothi, u-brinjolo, iklabishi, uphethe ngokuthi ufisa ukugcina esefakela izitolo ezinkulu umkhiqizo wakhe okwamanje asazidayisela wona ekhaya.
Ngeledlule abalimi baseFairbreeze, e-ward-13, abebehambisana noMnuz Dumisani Moyo weNtabenkulu Farmers Association, ongumfundisi nomlimi uMnu Dumsane Ndlovu, bavakashele uMnuz Dlamini ekhaya bafike bamtshalela.