UMNYANGO weZemfundo KwaZulu-Natal, uthi usume ngomumo ngokuqala kokufunda nokufundiswa kwalonyaka u-2024, okuzoqala ngoLwesithathu mhlaka 19 january 2024. Kuvelile esitatimendeni esiphuma kulomnyango osubalulwe ngenhla ukuthi uhlelo lokuthathwa kwabafundi (admissions), laphothulwa ngonyaka ophelile futhi lahamba kahle ngaphandle kwezihibe, zingakavali izikole zivalela uncibijane. Okhulumela lomnyango osubalulwe ngenhla uMnu Muzi mahlambi uthe uhlelo lokubhaliswa kwabafundi lwahamba kahle lwaze lwaphothulwa ngaphambi kokuvalwa kwezikole ngonyaka ophelile. Uqhube wathi kubekhona amacadlana avele sekuphothuliwe ukubhaliswa kwabafundi futhi sekuvalwe nezikole. “IziFunda zezemfundo kumanje zibhizi nalabazli abazifikela mathupha bezobhalisa izingane zabo kumanje,”usho kanje. Uthe umnyango uyathokoza futhi uyakuthakasela ukuthi ababaningi abafundi abaswele izikhala zokufunda kulonyako ngoba isibalo salabo siphansi kakhulu. Uthe siyazi ukuthi kusengenzeka kube nenqwaba yabazali ezothutheleka kuma Circuit Management Centres (CMC), kuleliviki ngoba kuzovulwa izikole. Uqhube wathi kumele kukhumbuleke ukuthi okulindelekile ukubhaliswa kwabantwana abazobe beyoqala uGrade 1 no-Grade 8, kulesikhathi, kanti kulabo abafuna ukusuka kwezinye izikole baye kwezinye kuzobhekeleka ukubaluleka kwako. “Abazali bezingane ezingakazitholi izikhala kumele bahambe baye kuma Circuit Offices , lapho bezosizakala khona, ngoba bafuna ukuqinisekisa ukuthi izikole zigxila ekufundiseni nasekufundeni kwabafundi hhayi ekubhaliseni ngoba isikhathi salokho sandlula, Kusho oyinhloko yomnyango uMnu Nkosinathi Ngcobo. Uthe uhlelo lwe Learner, Teacher Support material lwaphothulwa ngoba kwabhekwa kakhulu uhlelo lweprocurement kuthathelwa ukuthi izikole lezi ezingaphansi kwesigaba S 21 ukuthi zibhalise ukuthi zizodingani, zilandela i-South African Schools Act. Uphinde wakuveza ukuthi benguwumnyango bajabule kakhulu ngoba konke kume ngomumo ngoba zonke lezinsiza kufundisa sezahanjiswa ezikoleni. Uthe umnyango wayibeka imali yokuthenga izincwadi zokufunda (textbooks), kanye nezincwadi zokubhala (stationary), kwango-2024. Uqhube wathi bakuqikelela ukuthi zonke lezinto zobhala okudingekayo kwenziwe nama oda kwenziwa kusenesikhathi ngonyaka ondlule, yingakho nabo bakuqinisekisile ukuthi izinto zithunyelwa ezikoleni kusenesikhathi. “Ngonyaka ophelile umnyango wakhangisa imisebenzi engu-3000, yamathishela, eyavela ngenxa yokuthatha imihlala phansi, ukwesula, ukushona kanye nokunye okungabalulwanga,”esho. Uqhube wathi inholokhono seyaphothulwa kanti amagama abo bonke labo abaphumelela asethunyelwe eziFundeni, kanti bonke laba abaphumelela kulindeleke ukuba baqale emsebenzini mhaka 17 January 2024. Uthe konke lokhu kwathunyelwa ezikoleni ukuthi zonke zikwazi ukusho ukuthi ziyashoda , futhi zishoda kangakanani ngothisha, ukuze kuvalwe izikhala ezivulekile ngalezizathu ezibalulwe ngenhla. Uthe lezikhala ezivelile kubalwa kuzo ezothishanhloko, amasekela kanye nezinhloko zothisha. “Uphinde wakuveza ukuthi bewumnyango bakuqinisekisile ukuthi akhona amasu amahle abhekelele ukuphakelwa kwabafundi (National School Nutrition Programme), lokhu abakuqinisekisile ukuthi ngoLwesithathu mhla kuvulwa izikole abantwana bazokuthola okua ngasethunjini. Uthe baqashe izinkampani ( amaservice providers), angu-1 747 , asebesebenza unyaka wesibili kumanje enkontilekeni yabo ukuba bahambise ukudla ezikoleni, kusukela namhlanje ngoMsombuluko 15 january 2024, ukuze kudliwe ngosuku lokuqala. Uthe basebenzisana nazo lezinkampani ekutheni kulezinsuku ezingu-11 , kuyatholakala ukudla. Uthe lolu hlelo lokuphakela abafundi ludale amathuba omsebenzi angu-16 114, lapho kukhona khona namavolontiya angu-14 868, kanye namaFood handlers angu-1 246, kuhlanganiswa namaChief handlers. Uthe zingu-5 436 izikole ezingaphansi kweziFunda ezingu 12 ezihlomulayo kuloluhlelo. Uthe kukhahlamezeke izikole ezingu-59, yizikhukhula kuziFunda ezingu-9 kwezingu-12, kanti umnyango uzoqinisekisa ukuthi zikhona izindlu zokufundela zesikhashana., ezingomahamba nendlwana. Ube sefisela abafundi namathishela ukusebenza okuhle.