NGUNGQONGQOSHE woMnyango wobuholi boMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usencome amaphoyisa ngokubopha osolwa ngokudubula owayengusoSwebhu kuMasipala uMngeni,u Mnu Hlalayenza Ndlovu, owadutshulwa esemzini wakhe ngoDisemba nyakenye.
Ngokwesitatimende esithunyelwe ngumnyango, umsolwa oneminyaka engu-31, elingadalulwanga igama lakhe ,uvele kafushane eNkantolo kaMantshi yaseHowick mhlaka 8 October 2024.
UNgqongqoshe uButhelezi uthe lokhu kukhombisa indlela eya phambili nempumelelo ekulwisaneni nesihlava sokubulawa kwamaKhosi, iziNduna namaKhansela esifundazweni saKwaZulu-Natal.
“Wathi kukhombisa ngokusobala ukuthi abomthetho basebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekulwisaneni nezigilamkhuba, ikakhulukazi lezi ezibulala amaKhansela kanye nabaholi bomdabu okudlangile kulesi sifundazwe. “
Unxuse amaphoyisa ukuba aqhubeke ngokusebenze ngokuzikhandla ekulwisaneni nokubulawa kwabantu.
“Ngeke sikubekezelele ukubulawa kwabantu esifundazweni,” kusho uButhelezi. “Muva nje kubulawe izinduna ezimbili esifundazweni zingakapheli izinsuku ezintahthu. Esigamekweni sakamuva nje kubulawe iNduna Sibongiseni Wilson Buthelezi, ebisebenza ngaphansi koMkhandlu wakwaPhindangene, eMahlabathini, oLundi.”
Ube esenxusa amalunga omphakathi angaba nolwazi ngalezi zigameko zakamuva zokubulawa kwabantu ukuba alume indlebe abomthetho.