AMANZI ayinkinga ezweni lonke. Lawa ngamazwi ashiwo nguMeya woMkhandlu wesiFunda uMzinyathi uKhansela Petros Ngubane ngenkathi ehambele eHlathi Dam, eNquthu, eNyakatho neKwaZulu-Natal, eyohlola ukuthi ngabe umsebenzi wokugujwa kwepayipi elizophakela amanzi kulendawo ukuthi kuhamba kanjani. ” Amanzi ayinkinga kuzwelonke,” esho. uqhube wathi uMkhandlu awuholayo uyaqinisekisa ukuthi abantu bayawathola amanzi ahlanzekile ngoba bekwazi ukuhambisa amanzi ngamaloli,” kusho uMeya Ngubane. Uqhube wathi benguMkhandlu bafisa ukuba iwadi newadi ibe neloli yalo ezophakela amanzi ngoba kunezinkinga. Uphinde wagxeka kakhulu abantu abashela ngokuntuleka kwamanzi uma kuyiwa ezinkethweni. Uthe ukuntuleka kwamanzi sekuyoba into yasemandulo ngoba befaka lamapayipi azophakela imiphakathi eminingi yakulendawo amanzi. Ukuvezile ukuthi amaloli awafiki nsuku zonke nanokuthi sekukhona amaloli abawathengile bethengela izakhamuzi zemikhandlu engaphansi koMzinyathi kanti futhi bahlose ukuthi lokhu ngabe kwenzeka nsuku zonke, ukuphakelwa kwamanzi. “ UMkhandlu uMzinyathi imali ayibekele noma ayikhiphele uhlelo lokuhambisa amanzi emphakathini iwu-R150million, ngoba amajele , imitholampilo nezinye izikhungo zikahulumeni zidinga amanzi,” esho. Uthe siselele emuva ngokuhambisa amanzi emiphakathini futhi amanzi asiwahambisi ngobuqembu, sihambisela wonke umuntu womphakathi. Uqhube wathi amanzi masiwahambisa asiwadayisi, awathengwa amanzi. Uqhube wathi sinomthwalo wokuthi kumele sisebenzele umphakathi owasikhetha. Uthe lolu hlelo lokuhambisa kwamanzi noma lokuletha inqalasizinda luhamba ngezigaba. Uthe nabahlala emadolobheni nabo bayawadinga amanzi. “ Nabacwaningi nabo babekelelwe eyabo imali ukuze uhlelo lokuphakelwa kwamanzi luhambe kahle,” eqhuba. Uqhube wathi lolu hlelo lubekelwe ukuthi luphothulwe zingakapheli izinyanga eziwu-10, kanti futhi lolu hlelo luvule namathuba omsebenzi kubantu abawu-18. Uthe imizi ezohlomula kulolu hlelo ibalelwa kwewu-91 400,00. UMeya uphethe ngokuthi abantu kumele bazi ukuthi kwake kwabo nesikhathi lapho izimoto zafa khona zafakwa emagaraji okulyilapho babeqasha khona ezinye ukuze kuphakelwe izakhamuzi amanzi ezingaphansi koMzinyathi ngoba unomasipala abawu-4 , abangaphansi kwawo okuyiNquthu, iNdumeni, Umvoti kanye noMsinga.