UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu,uMfu Thulasizwe Buthelezi, usexwayise izakhamuzi ukuthi kungase kube nezikhukhula ezingadalwa ukuncibikala kweqhwa ebelihlasele esiFundazweni saKwaZulu-Natal, eligcine ngokuvaleleka kwabantu emigwaqeni eminingi yakuleli. Uncome kakhulu labo ebebehambisela abebevalelwe iqhwa usizo lokuqala, okubalwa kubo abezezinhlekelele , abezimo eziphuthumayo kanye nezinye izinhlaka ezizimele. Uthe lezinhlaka zisebenze ngokukhulu ukuzimisela ekutakulweni kwabantu nokuletha izinsiza kusukela lesifundazwe sikhahlanyezwa iqhwa ngoLwesihlanu nangoMgqibelo. Uthe kumanje imigwaqo isivuliwe abantu sebehamba ngokukhululeka. Uthe lamathimba asebenze ngokukhulu ukuzimisela nokuzimisela nanxa isimo sezulu besiqhubeka singabi sihle. Ube esendlulisa amazwi enduduzo emndenini kaNksz Nozibele Nzonzo oneminyaka ewu-39 ondlule emhlabeni ngoMgqibelo emva kokuba engenwe amakhaza esetekisini abehamba ngayo ebivaleleke eqhweni. “ Njengoba imigwaqo yonke isivuliwe sinxusa abashayeli ukuba bashayele ngokucophelela ukuze abantu baphephephe,” esho. Ube usexwayisa izakhamuzi ngokuthi umfula uTugela River ungase ugcwale udle izindwane, ngenxa yokuncibilika kweqhwa. “ Nginxusa abazali ukuba baqikelele ukuthi izingane bazibhekile kulesikhathi isimo sezulu singesihle ngoba zivaliwe izikole , futhi baqaphele ukuthi izingane azidlali eceleni kwemifula kanye namadamu ngoba kuyingozi ingase iminze,” esho. Uqhube wathi abezimo eziphuthumayo basiqaphile isimo kusukela Emfuleni uTugela River osuka eLadysmith kuze kuyoshaya eMsinga. Ube esenxusa izakhamuzi ukuba bagweme , ukuhamba emanzini, ukubhukuda kanye nokushayela lapho kunezikhukhula khona. Uqhube wathi ningalokothi nizame ukuhamba emabhulohweni anamanzi ahamba ngesivinini, hlalani nizivikelile kuzikhukhula, phumani niphele ezindaweni eniyalelwa ukuthi zinobungozi ngenxa yokuhlaselwa zikhukhula, hambani niye ezindaweni eziphezulu niphinde nihlale lapho nikhona ngalesikhathi esinje. Uma senixwayisiwe ukuthi indawo enikuyo ingase ikhahlanyezwe zikhukhula , qikelelani ukuthi nithuthela endaweni ephephile ngokushesha.anibhukudi niphinde ningabe nisaluthatha uhambo olungabalulekile, niphinde nazi ukuthi amanzi anagamasentimitha awu-15 awanabungozi kodwa uma esengamasentimitha awu-30, anobungozi ziqhelelanise nawo.”