UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uhlele ukhukhulela ngoqo womhlangano nezimeya zabo bonke omasipala baKwaZulu-Natal.
Lo khukhulela ngoqo womhlangano uzobanjelwa e-Archie Gumede Conference Centre, eMayville, eThekwini, ngoLwesibili ngo-10 ekuseni.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba kuvela ukuthi inhloso yalo mhlangano ukuzonika ithuba lokuveza imibono nokuxoxisana nezimeya ukuthi zingahanjiswa kanjani izidingo emphakathini.
“Lolu hlelo lungaphansi kwe MuniMec lapho kuzobe kukhona zonke izimeya zesifundazwe i-KwaZulu-Natal, ukuze kucotshelelwane ngolwazi lokuthi zihanjiswa kanjani izidingo ezakhamizini,” kusho uNgqongqoshe uMfu Buthelezi esitatimendeni.
Uthe bakwenza lokhu ngoba sekungubuholi besikhombisa bohulumeni basekhaya selokhu kwaba khona uhulumeni wentando yeningi kusukela ngo-1994. Wathi inhloso-ngqangi ukuguqula indlela yokusebenza kohulumeni basekhaya kuphinde kuqhanyukwe nezinhlelo namasu okuhambisa izidingo emphakathini.