KULINDELEKE ukuba avele eNkatolo yeMantshi yaseThekwini umsolwa oneminyaka engu-34 kulandela ukuboshwa kwakhe ngecala lokuduna imoto yamaphoyisa amabili abengekho emsebenzini weba nezibhamu zawo eCourttown Cresent, e-Avoca Hills, eThekwini izolo ngoLwesine.
Kubikwa ukuthi lo msolwa uboshwe kungakapheli ngisho isikhathi esingakanani edune imoto yamaphoyisa weba nezibhamu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe: “Lo msolwa uboshwe emva kwesikhashana egile lomkhuba ngamaphoyisa i-Greenwood Park Crime Prevention, Durban North Task Team, Newlands Trio Task Team kanye nethimba lenkampani yonogada,” kusho uColonel Netshiunda.
“Lo msolwa uboshwe e-Newton A, eNanda, watholakala nezibhamu ezimbili abezidune la maphoyisa, nemoto.
Ngenkathi eboshwa kutholakale izinhlamvu ezingu-30 zezibhamu abezidune emaphoyiseni, kanti ngenkathi amaphoyisa eqhubeka nokusesha endlini aboshwe kuyo athole izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni nezinhlamvu ezingu-12.”
Uphethe ngokuthi lezi zibhamu ezitholakale endlini yomsolwa zizohamba ziyohlolwa ukubheka ukuthi azikaze zimbandakanyeke yini ezenzweni zobugebengu.
Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka kanti lomlisa uzovela enkantolo ngoMsobuluko mhlaka 18 Novemba 2024, ebhekene namacala okuduna imoto, ukweba izibhamu zamaphoyisa nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.