IQEMBU lebhendi i-Mfundweni St Johns Band. Kwesinye nguNksz Zibuyile Vilakazi obemukela ubizo. Izithombe. LANGELIHLE CHAGWE
UBUNANDISWA yiqembu lebhendi yeSekethe i-Mfundweni St Johns Band umcimbi wokwamukela ubizo lwabadala, ngowesifazane wase Springbok , e-Dannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, uNksz Zibuyile Vilakazi, ngelendlule.
Kuvelile ngenkathi bekunomcimbi ukuthi inhloso yawo bekungukuthi uVilakazi amukele ubizo lwabadala abangasekho abamuphe mandla okwelapha abantu ngokubathandazela kanye nokubelapha ngechibi elikhulekelwe njengoba naye ekhonsa ebandleni i-St Johns.
“Nginokuphuphela abantu izinto ezinhle nezimbi zenzeke ngempela,” kusho yena , eqhuba ethi , eminyakeni eyendlule bekungafiki kimi ukuthi nginabadala futhi kumele ngisize abantu ngibelaphe ngomthandazo kanye nechibi , phecelezi amanzi ayingcwele abusisiwe.
Uqhube wathi, bekunesikhathi lapho bengiphuphela abantu izinto bese ngimtshela loyo muntu ukuthi ngiphupheni , okuzothi ezinsukwini kwenzeke lento ebengimphuphele yona okuwubizo olungandile.
“Angizange ngiyothwasela lolu bizo kodwa luyazifikela noma inini njengoba ngisebenza ngabantu (Call Centre), bekuthi uma ngikhuluma noma ngisiza umuntu thizeni engingamazi naye abe nesibonakaliso , athi kimi nginabadala, yini ngingabamukeli” kulanda uVilakazi.
Uqhube wathi ngiyaboniswa noma ngabe kukhona umuntu ozondlula emhlabeni , ngibatshele kwenzeke ngempela.
Uthe , ngiyaye nginxuse abantu ukuba bathandaze uma sengike ngaba nesibonakaliso eziqondene naye, nami bese ngiyamkhulekela.
“ Abanabadala nabo abanobizo , bebehlala bengitshela ukuthi uma ngingalwemukeli ubizo lwabadala ngizovelelwa amabhadi, yingakho nami ngibone sekufanele ukuthi ngilwemukelo ubizo , engibizwele lona lokwelapha abantu ngomthandazo nangamanzi ayingcwele, kodwa okwamanje bengingakaqali ukwelapha abantu ngeziwasho njengoba bengisazomukela ubizo.
Uphethe ngokuthi, njengamanje angikhokhisi muntu uma ngimthandazela umuntu uma kukhona esengiboniswe kona ngempilo yakhe kanti futhi ngiyaye ngiphuphe kuthiwa angithunge izembatho ezithize zejoyini nempela ngizithunge ngizembathe.
