UNGQONGQOSHE weZemfundo KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer, uthe babonga ukubhalwa kahle kwezevivinyo zikamatikuletsheni zokuphela konyaka ngoba sezifike emaphethelweni namuhla 29 November 2023. Uthe ubonga ukuthi zihambe kahle ngaphandle kwezihibe ngaphandle kwesigameko esisodwa vo laphokwatholakala omunye umsolwa ebhalela omunye umfundi ePhendukani High School. Uthe ubonga kakhulu ngoba abafundi baKwaZulu-Natal, bebebhala iphepha lokugcina abalithatha njengephepha elikhulu, okuyiphepha lesingisiobekuyi-English HL P3 (3hrs), English FAL P3 (2half hrs) kanye ne-English FAL P3 (2half hrs), ebelibhalwa ekuseni ngehora lesishiyagalolunye. Uqhube wathi ubonga bonke ababambe iqhaza ikakhulukazi abasebenzi , abakuqinisekisile ukuthi , awaphutshuki amaphepha futhi nabafundi abakopeli ngesikhathi sezivivinyo, waphinde wabonga bonke ababambe iqhaza ekucijeni abafundi bebacijela izivivinyo zabo zokuphela konyaka. Akagcinanga lapho uphinde wabonga bona abafundi ngoba basayinda isivumelwano sokuthi bazobhala izivivinyo zabo ngokwethembeka futhi bakwenza lokho. UNgqongqoshe kanye nenhloko yomnyango uMnu Ngcobo, babobge kakhulu abafundi bakamatikuletsheni ngendlela abaziphathe ngayo kusukela beqala izivivinyo zabo kwaze kwafika ekugcineni. “ Ngifisa ukuthi niqhubeke niziphathe ngalendlela enizephathe ngayo ngenkathi nibhala lezivivinyo eniziphethayo namuhla, kuthi uma niqhubeka nezifundo zenu zamabanga aphakeme nenze kahle,” esho.Uphinde waxwayisa abafundi ukuthi bangalokothi bahambe bayokwenza amaphathi bethi bayawasha amapeni, ngoba lokho kungenza lokhu kudicilele phansi lokhu asebekusebenzele unyaka wonke. Uthe abangakwenzi lokhu kokumosha imifaniswano ngoba sebeqedile ngoba baningi abantulayo abangayisebenzisa lemifaniswano, wathi uyabanxusa impela bangawenzi lamaphathi ngoba bangadlwengulwa, bagwazwe bethi bazijabulisa okokugcina. Ube esebafisela amaholidi amahle kanye nakho konke okuhle uma bephuma bebheka lapho bezopbheka khona ezindaweni ezahlukene ngempilo ngonyaka ozayo.