NGUROSHANEL Banawo eqeda kugwetshwa.Isithombe.Langelihle Chagwe
SEKUYINTSAKAVUKELA ukubulwa kwamaphoyisa esemsebenzini esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Lawa ngamazwi ashiwo yiMantshi yeNkantolo yesiFunda i-Newcastle , uIan Colditz, ngaphambi kokuba agwebe owabe eyiphoyisa iminyaka engu-39, eDundee, uRoshanel Banawo oneminyaka engu-63, ngoLwesithathu (namuhla), emva kokuba elahlwe icala lokwakha itulo lokubulala uKhomishana wesiFunda uMzinyathi uMajor- General Francis Slambert.
UColditz ukuvezile eNkantolo ukuthi uBanawo waxoshwa emaphoyiseni esesebenze iminyaka engu-39 , emva kokuba kwatholakala izidakamizwa emzini wakhe e-Dundee,eNyakatho neKwaZulu-Natal.
Kuvelile enkantolo ukuthi uBanawo wabe esekhiphe imali engu-R50 000 , yokuthi kubulawe uSlambert kanti nababezokwenza lomsebenzi uWilliam Dlamini kanye no Nkosingiphile Mdlalose base sebekulungele ukusoconga uSlambert.
Kuphinde kwavela enkantolo ukuthi leli tulo lakhiwa ngoMeyi kuya kuJuni , ngonyaka u-2023.
UColditz uthe uma leli tulo laphumelela kwakuzophazamiseka ukusebenza kwamaphoyisa kwisiFunda uMzinyathi, kanti futhi uSlambert naye unomndeni, unelungelo lokuphila futhi njengesakhamuzi saseNingizumu ne Afrika.
“Njengenkantolo yesifunda kumele siqinisekise ukuthi sithumela umlayezo onqala kulabo abasafisa ukubulala amaphoyisa ukuthi ingala yomthetho izobavalela isikhathi eside ejele,” kusho uColditz.
INkantolo ithe inhloso yokuzama ukubulala uSlambert ayaziwa noma mhlampe kukhona okubangwayo noma kukhona isizathu esithize esihlukile.
UColditz ube esegweba uBanawo iminyaka eyishumi ebhadla ejele waphinde wanquma ukuthi uyaphucwa nelungelo lokuphatha isibhamu. Ibigcwele phama inkatolo yesiFunda i-Newcastle, bezoseka uSlambert obekubalwa kubo uKhomishana wesiFundazwe saKwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, asebenza nabo eDundee kanye nabaseNewcastle.