Imizi EKHAHLAMEZWE YIZIMVULA EZINAMANDLA. Izithombe. Zithunyelwe
ABEZENHLEKELELE kwaZulu-Natal, bahambele imizi ekhahlamezwe izimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphephop. Kuvelile ukuthi iningi labantu lisale dengwane ngenkathi kuhlasela lezimvula, eziFundeni okunguMgungundlovu kanye nase Harry Gwala. Ngokumbiko wesikhashana kuhlasele izimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphepho zashiya abantu abaningi bengenamakhaya.Lesigameko sibikwe kumasipala uMsunduzi laphe izindawo okubalwa kuzo i-France, Mpumuza, Henley, Machibisa, KwaPata, kaShange, Ashdown Kanye nakwezinye izindawo ezifananenxenye ye-Imbali zikhahlazamekile, yilezimvula ebezihamba nesishingishane. KusiFunda Harry Gwala ikhahlamezwe imimoya enamandla Kanye nezimvula ebezihamba nesiphepho. Uqhube wathi uNgqongqoshe Bongiwe Sithole-Moloi, uMasipala Umzimkhulu ukhahlamezeke kakhulu yilezimvula, ngoba, izindlu ezingu-7 sicekeleke phansi ngoba zivele zawa kwathi ezingu-19 , zalimale ezinxenyeni kodwa aziwanga. Uqhube wathi lokhu kushiye abantu noma imindeni engu-7, ingenamakhaya. Uthe okuhle wukuthi akekho noma awukho umphefumulo olahlekile ngenkathi kuhlasela lezimvula ezinamandla. “ Amathimba ethu asabheka umonakalo odalekile ngenkathi kuhlasela lezimvula ezishiye abantu dengwane. UNgqongqoshe, undlulise amazwi okuzwelana nabo bonke abakhahlazamekile, wabe esethi abezenhlekelele kumela baqinisekiswe ukuthi bonke abakhahlazamekile bayabhalwa phansi ukuze bahlonzelwe usizo, oluvela emnyangweni. Uthe abezezinhlekelele babhizi bahambela imindeni esale dengwane Kanye nekhahlazamekile ngenkathi kuhlasela lezi zimvula. “ Abeminyango ehlukene okubalwa kuyo owozokuHlaliswa kwabantu kante nabezeNhlalakahle, bahambele abakhahlazamekile, ikakhulukazi labo abalahlekelwe ngomazisi Kanye nokunye okubalulekile njengezitifiketi zezingane nokunye. “ Njengoba sibhekene nesizini yezimvula silindele okuningi ukukhahlazameka kwabantu ngoba phela isikhathi sezimvula lesi esikuzo,” esho, eqhuba ethi abantu kumele baqikelela ukuthi baphephile ngalesikhathi sonyaka Kanye nangenyanga yezimvula. Uqhube wathi abantu kumele bakuqinisekise ukuthi bafudukela ezindaweni eziphephile, ngalesikhathi sezimvula ezinamandla.