USALE enkundleni obebamba inkunzi emva kokuba adubulane namaphoyisa Esikhaleni namuhla mhlaka 4 August 2024, ebusuku. Kuvelile ukuthi amaphoyisa anikele endaweni yaseNdindima Esikhaleni emva kokuba ethole ucingo lokuthi kunesigameko zokubanjwa kwenkunzi. Kuphinde kwavela ukuthi ngenkathi amaphoyisa egasela kulendawo abasolwa abane bashaye utshani. Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda uthe amaphoyisa landele umkhondo wabasolwa kwatholakala ukuthi basendaweni yaseNcombo. Uthe athe amaphoyisa efika kulendawo kanti nabasolwa bathe uma bebona amalambu aluhlaza badubula bebhekise emaphoyiseni lokho okukubekuwukuwachukuluza nawo abe esephendula ngenganono. “Kusale umsolwa oyedwa enkundleni ngenkathi kudutshulwana kwathi abawu-3 bacela empunzini bayongena ehlathini,” esho. Uqhube wathi kumsolwa lona ofe ngenkathi kudutshukwana namaphoyisa kutholakale isibhamu sohlobo lwe .38 special revolver Kanye nezinhlamvu okungekho emthethweni. Uthe labanye abasolwa basagcwele amathafa kanti amaphoyisa anethemba lokuthi azobabopha maduzane. Uthe alikho iphoyisa elidubulekile ngenkathi bephendulana nenganono nabasolwa. Uphethe ngokuthi kunxuswa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngalabasolwa ukuba ashayele i-crime stop kulezinombolo 08600 10111.