NGUDOKOTELA Vusi Shongwe.Isithombe.SITHUNYELWE
NINA beSilo ngiyabingelela. Cishe akekho ongangiphikisa uma ngithi akekho kwizinhlangothi zombili zasendlunkulu kaZulu ongasho kugcwale umlomo ukuthi isinqumo esiyokhishwa inkantolo ngaloludaba siyovuna yena. Esikhundleni salokho kuheleza inkungu yokudideka, yokungaqondi ukuthi ekugcineni kokwenzakalani. Sengingasho mina Shongwe ohlale noMdlokombane wancela ulwazi olujulile ukuthi sesiqalile isihlalo sobukhosi kuhle kolwandle ukuzikhuxulula, ukuzihlanza sona uqobo lwaso, singalekelelwa izinkantolo. Ngiyafisa ukusho ngokukhulu ukuzithoba ukuthi izinkinga ezibhekene nesihlalo zizoxazululeka kwagogo, emsamo 2 waseNdlunkulu, hhayi ezinkantolo. Lapha kwaKhangelamankengane kunamaQhugwane amathathu akhiwa uMdlokombane ngesikhathi ngiyinhloko yomnyango wezaseNdlunkulu. Lamaqhugwana abizwa ngokuthi kuseNdlovini, endaweni egcwelengcwele, kwagogo, okuyindawo yomsamo waseNdlunkulu lapho kudingida khona izindaba ezijulile. Lamaqhugwane amathathu ase Endlovini ayebaluleke kakhulu eSilweni esibusile, uMdlokombane. Kukhona iqhugwana leSilo elaziwa ngokuthi uMgungundlovu. Leliqhugwana laliyigugu elikhulu eSilweni. Leli iqhugwana lapho uMdlokombane wayehlanganyela khona nezivakashi zakhe eziqavile. Elesibili iqhugwana ngelakwagogo. Ngele Ndlovukazi okamThayiza ozala iSilo esebusile. Yilapho iSilo ebeshisela khona impepho. Yilapho okwakugonqela khona aBantwana beSilo uma bemula. Okukhulu kakhulu okwenzeka kuleliqhugwane yilapho okwathi uma kufikwa nomzimba weNdlovukazi uMantfombi wangeniswa kuwo, wabikwa khona ukuthi usesishiyile 3 isigodlo sakhe sobukhosi. Ileliqhugwana lapho kwathi uma iSilo uMisuzulu sesivusa isibaya sangena kulo nokhamba lotshwala kanye nempepho, kwabikwa ukuthi iNdlulamithi iyayivusela indawo yayeNdlovini. Leliqhugwane lingumsamo kaZulu. Elesithathu iqhugwane eleNdlovukazi uMantfombi. Ngamafuphi, umuzi waseEndlovini uyikhanda nomsamo kaZulu. Sekungumlando ukuthi kweminye yemihlangano yasebusuku phakathi koMdlokombane kanye nami besiwubambela khona eNdlovini. Ngesineke seNgelosi uMdlokombane wangichazela ukubaluleka kwalamaqhugwana amathathu alapha kwaGogo eNdlovini esigodlweni kwaKhangelamankengane. Ngifisa ukusho ukuthi uma lamaqhugwana lapha eNdlovini angalungiswa ngokushesha abesesimweni esihloniphekile, liyoqhubeka icala enkantolo kodwa lingaphumi nesixazululo. Sekungumlando ukuthi omunye wabaholi abadumile ezweni lakithi waba nenhlanhla yokungeniswa eNdlovini 4 kwagogo, washiselwa impepho waqeda waya ePolokwane wafike wadla umhlanganiso. Nina beSilo sengiyakhuluma manje. Ngangiphawulile ukuthi okunye engangikuxoxa noMdlokombane ngiyohamba nakho endlini yami yokuphumula kwaphakade ngingakutshelanga muntu, kodwa lokho engibona kufanele ngikhulume ngakho ngokuveza ngaphandle kokwesaba. Ayingimangazi lenkungu edaleke kulezinsuku ezimbili lapha enkantolo yokungaqondi ukuthi kwenzakalani, sithini isixazululo. Impendulo ilula. Useqalile ekuphumuleni kwakhe kwaphakade uMdlokombane ukwenza lokho ayedume ngakho. Useqalile ukuthandaza ngokujulile uMdlokombane ethandazela ukukhanya. Angazi noma wayesihlelela ngokomqondo yini ngesikhathi kwezinye zezinkulumo zakhe ethi akahlali engakhanyisi uJehova lapho kumnyama khona. Useqalile uMdlokombane njengeSilo esabusa isikhathi eside ukukhulumisa umsamo kanye nokunxenxa amakhosi angaphambili ukuthi adedele 5 izinhliziyo ukuze kuqhamuke isixazululo kulezinselelo ezibhekene nesihlalo sobukhosi bakwaZulu. Kunesisho sesingisi esithi “there is nothing as powerful as an idea whose time has come.” Kunjalo isikhathi sokuthi isihlalo sobukhosi baKwaZulu njengolwandle sizihlanze sona, sikhuxhulule ukungcola kokungaboni ngaso linye endlunkulu, sesifikile. Isehlakalo esifike sagqamisa kakhulu ukuthi isihlalo sesiqalile ukuzihlanza sona umoya wobumbano kodwa kube kungabonwa ngaso linye obuphakathi kwamathimba amabili aseNdlunkulu abehambele ukulalelwa kwecala eNkantolo. Bathe uma sebehuba ndawonye oMageba, zehla kimi izinyembezi, ngakhumbula uMdlombane evunule ehuba namabutho. Ngiyafisa ukuncoma zombili izihlangothi zaNdlunkulu ukuthi zihube ndawonye ngokungaklolodelani ngisho isimo simazonzo. Kuyafundisa lokho enikwenzayo ukuthi kungaba khona ukungaboni ngokufana kodwa lokho akusho ukuthi sekufanele kusetshenziswe izikhali kulinyazwane. 6 Ngiyafisa ukuphawula ukuthi abantwana baseNdlunkulu baphoqwa yiso isihlalo belu ukuthi bazibone sebehuba ndawonye. Impela ukuhuba kwabantwana ndawonye umuntu ugcina esezibuza kuthi kanti kwakhala nyonini. Kuye kuthiwe uma sekuzokusa noma uma inkinga isizoxazululeka kuvele kube mnyama kakhulu. Kuke kwaba khona isikhath lapho engithe khona abameli bohlangothi oluthile bebehamba bodwa beshaya into ecokeme. Zabuye zajika izinto nabameli balelinye ithimba bashaya nabo. Kuxakile nokho uma kuya ngasekupheleni ukuthethwa kwecala kwavele kwaba nenkungu yokungaqondakali ukuthi egcineni isinqumo senkantolo sizovuna luphi uhlangothi. Lenkungu yokudideka ibonakale idida nawo amajaji uqobo lwawo. Amajaji abesevika ngomunwe uma ethi abameli bezinhlangothi zombili abalethe izithulo zabo. Umbuzo uthi izithulo zani ngoba phela amajaji abe nesikhathi eside ukulungisela ukuthethwa kwalecala. Ngokwami isihlalo uqobo lwaso oludala inkungu, ukudideka ngoba izindaba 7 zesihlalo sobukhosi besizwe sakwaZulu esikhulu nesihloniphekile akufanele zidingidwe noma zikhulunywe esidlangalaleni, kodwa zidinga ukuyoshiselwa impepho eNdlovini kwagogo lapha esogodlweni kwaKhangelamankengane. Ngiyafisa sengiphetha ukuphawula ngale- clip lapho kubonakala womabili amathimba asendlunkulu ehuba ndawonye futhi ekujabulela ukuhuba ndawonye. Ngiyaphinda, uma nginibona nihuba ndawonye boMageba, zivele zagobhoza izinyembezi kimi. Zigobhoziswa ukukhumbula ukuthi sasisho ukuthini isihlalo kuMdlokombane. Ngikhaliswa ukuthi ngeke ngifihle ukuthi kuwomabili amathimba asendlunkulu angaboni ngaso linye, kukhona abantwana ubuhlakani babo kanye nokuvelela kwabo ngabe empeleni busetshenziswa ekufukuleni ubukhosi bubuyele esicongweni sentaba ngokuvelela uMdlokombane azikhandla ukuba kwenzeke. Ngeke ngifihle ukuthi ekuqaleni ngangingamqondisisi kahle uMntwana uThokozani, okungenzeka indlela athuleka ngayo emphakathini kusigigaba esenzeka kwaKhangela. Ngokuhamba kwesikhathi ngibona kuvela ubuhlakani, 8 isizotha kuMntwana uThokozani. Mfundi, ake wakhe isithombe sethimba elilodwa labantwana baseNdlunkulu elifaka uMntwana uMbonisi, Mntwana uZeblon, Mntwana uThokozani, uMntwana uNondumiso, uMntwana uThulani, uMntwana uNqokonqoko( axole oweSilo uma kungelona igama lakhe) uMntwana iNkosi uZuzifa, uMntwana uZola Dotwana, uMntwana uVanana, uMntwana Simphiwe, uMntwana u-Afrika, kanye nabanye abantwana, bebambisene ekuletheni uzinzo esihlalweni ngokuba udondolo lweNgonyama esesihlalweni. Ngiphetha ngodaba olungenze ngabona ngempela ukuthi sezikhona izimpawu zokuthi isihlalo sobukhosi sesiqalile ukuletha uzinzo kanye nezixazululo. Lokhu kucace bha esikhathini esingeside iNdlulamithi ihlangane nezinsika zaseNdlunkulu. Lapha ngibala uMntwana uFihlinqindi, uNdlunkulu uZungu, uNdlunkulu uNtombela kanye noNdlunkulu bakaMdlokombane. Njengomunye obusebenzele ubukhosi ngokuzinikela nobuqotho, behla ubuthongo mhla iNdlulamithi inomhlangano nalezinsika zaseNdlunkulu. 9 Kunjalo boMageba, umunwe weSihlalo Sobukhosi baKwaZulu unikhomba nonke eNdlovini, kwagogo ukuba niyohlala phansi niqede lenhlekisa elikaMthaniya selijike laba yiyo. Abuphele lobusika ubukhosi nefu lokudideka obuhaqe ubukhosi bukaZulu. Ayibuye imfudumalo uZulu aziwa ngayo. Dokotela Vusi Shongwe Owayeyinhloko yomnyango wezaseNdlunkulu ngesikhathi sokubusa kweSilo uZwelithini KaBhekuzulu