UNGQONGQOSHE wamaphoyisa kuZwelonke uMnu Bheki Cele , ehambisana noKhomishana wamaphoyisa kuZwelonke, uLt-Gen Khehla Sitole, bavakashele indawo yasOsizweni, eNewcastle, ngenhloso yokukhuza ubugebengu osebundlule nemiphefumulo eminingi. UMnu Cele ubephelezelwa nangabaholi bomphakathi mhlaka 17 November. Kodwa umbuzo ovela emphakathini uthi ukuvakasha kwakhe kuzowenza yini umahluko, ekunqandeni lobugebengu. Umphakathi ukhala kakhulu ngokuthi bahlukunyezwa amaqembu amabili amaJuveniles kanye namaLast warning, ahamba ephethe ocelemba kanye nezinye izikhali eziyingozi. Kuphinde kwavela ukuthi iqulu labanye balamaqembu lizame ukungena ekilasini esikoleni thizeni kubhalwa izivivinyo zikamatikuletsheni, behlome ngalezikhali esezibalulwe ngenhla. Kuvelile ukuthi ukuya kwabo lapho bebehlose ukuyohlasela omunye weqembu abalwa nalo.
“ Kodwa izivivinyo ziqhubeke ngoba bekuhleliwe.” Enock Nzama oyiNhloko eMnyangweni weZemfundo esiFundazweni ,KwaZulu-Natal, ukuqinisekisile ukuthi isigameko lesi senzekile. Uqhube wathi omunye wabafundi wabulawa eXolani High School , elinye lamaqembu. Uthe sesicele amaphoyisa ukuba azulazule ezikoleni zakulendawo, lapho kukhona ukuhlaselana khona. Lokhu sesikuthumele kuNgqongqoshe, kanti nomphakathi ukhulume kabanzi ngaloludaba. Kuphinde kwavela ukuthi lamaqembu eziqelekeqe alwayo , abafana bakhona baneminyaka esukela kwengu-13 kuya kwengu-20. Umphakathi uphinde wakuveza ukuthi sekufe abangu-13 kulibe kwaqala lempi yamagenge.
“La bahamba ngamaqembu abantu abangu-50 uma befuna ukuhlaselana,” kusho ilunga lomphakathi, liqhuba lithi, kuyazwakala ukuthi lamaqembu adayisa izidakamizwa ezikoleni. Lithe sihlalele ovalweni, futhi asiphephile, silala obenyoni.
“ Asisawathembi namaphoyisa ngoba awasisizi ngalutho.” Okhulumela umphakathi uSkhumbuzo Nhlapho unxuse ukuba uNgqongqoshe alethe iziteshi ezingomahamba nendlwana kulendawo, kulethwe namaphoyisa amaningi.
Uthe uma sibiza amaphoyisa asitshela ukuthi awekho amaveni, kanti lendawo ikhula usuku nosuku.UBandile Msibi uthe sebexhumene isikhathi eside noKZN Community Safety, uMnu Bheki Ntuli ngaphambi kukaJuly, lesisimo singakabhebhetheki kangaka kodwa lutho usizo. Uqhube wathi lempi yamaqembu isihambe yaze yakapakela emadolobheni afana noDannhauser, Madadeni naseNewcastle. Uthi izingane ezincane zisetshenziswa abantu abadala ukuze zidayise izidakamizwa. Umphakathi uphinde wanxusa ukuba ihovisi likaZwelonke lizophenya isiteshi sasOsizweni.