OYIBAMBA likaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor General Makoba uncome abaphenyi bamacala abucayi baKwaZulu-Natal , ngokusebenza ngokukhulu ukuzinikela nangokuzimisela , ekuphenyeni ngokucophelela icala lokubulawa kwabantu abayisishiyagalombili ehositela lase Glebelands ngonyaka u-2023, lokhu okuholele ekutheni bagwetshwe odilikajele abangamashumi amane kanye neminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu, ngoLwesithathu (izolo).
Kubikwa ukuthi laba basolwa abahlanu bagwetshwe iNkantolo ePhakeme yaseThekwini odilikajele abangamashumi amane kanye neminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni, abaphenyi bamacala abucayi esifundazweni, basebenze ngokukhulu ukuzikhandla ukuze labantu bagwetshwe odilikajele abangamashumi kanye neminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu umuntu ngamunye , labo abadubula babulala abantu abahlanu ehositela lase Glebelands,eMlazi, eThekwini, mhlaka 3 Juni 2023.
Uthe esitatimendeni, mhlaka 3 Juni 2023 , amadoda ayishumi nambili abe ehlezi kwenye yezindlu ngenkathi la madoda amahlanu efike evulela ngenhlamvu kwathi izisulu eziyisikhombisa zashonela khona endaweni yesigameko kwathi oyedwa washona emva kwezinsuku eshonela esibhedlela.
Uqhube wathi esitatimendeni, abane kulaba ababekhona kudutshulwa kubulawa izisulu baphuma benganamyocu , kwathi icala lanikezelwa emaphoyiseni aphenya ngamacala abucayi okubulala kanye nokubamba inkunzi kuhlonyiwe (Provincial Murder and Robbery Unit), okwathi emva kwezinsukwana amaphoyisa abopha uBongile Mabele oneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu, uBongani Mboyiyane oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalolunye, uSibusiso Manyisa oneminyaka engamashumi amane nanye, uSiyamthemba Mthwana naye onamashumi amane nanye kanye noNkosayikhethi Mjeza naye onamashumi amane nanye.
“ Ngenkathi beboshwa kwatholakala isibhamu esathi uma siyohlolwa kwatholakala ukuthi siyambandakanyeka ekudutshulweni nasekubulaweni kwalaba abayisishiyagolombili,” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi esitatimendeni, leli thimba labaseshi laphikisana nesicelo sebheyili salaba abahlanu, bagcinwa ezitokisini baze bagwetshwa izolo ngoLwesithathu.
UMajor General Makoba uthe esitatimendeni ,izigwebo ezifana nalezi zibuyisa ithemba ekusebenzeni kwamaphoyisa kwizakhamizi.
“ Siyaziqhenya ngaleli thimba ebeliphenya ngalamacala agcine esekhiphe izigwebo ezizothumela umlayezo onqala kuzigilamkhuba ukuthi izinkantolo ngeke zizibekezelele izenzo zobugebengu obuhleliwe,” esho, eqhuba ethi , lokhu kukhuthaza nawo amaphoyisa ukuthi asebenze ngokukhulu ukuzinikela kanye nokuzimisela.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni ,izakhamizi azifuni ukuphinde zibone abantu abagwetshiwe bezichanasela ngaphandle.