uDolald Trump
NGUDOCTOR Vusi Shongwe.Isithpmbe.SITHUNYELWE
NINA beSilo, ngiyabingelela. Impela ukube uMengameli waseMelika abengumzulu bengingafunga ngigomele ukuthi cha uyazisebenzisa izihlahla namacabunga emvela. Angazi ngempela ukuthi lesithunzi esingaka esenza labo asuke ehlangene nabo bavele batatazele bangazwakali ukuthi bathini. What saved President Ramaphosa from the ignominy of being dressed down by President Trump was his impertubable demeanour and statesmanlike gravitas. Ukube bekungenjalo, abezoba inhlekisa uMengameli wethu. Ngivele ngahleka uma ngibona ongqongqoshe ababili ababehamba noMengamemi completely frozen and overwhelmed by the presence of the irascible and cantankerous Donald Trump.
Kukhona isikhathi lapho naye uMengameli Ramaphosa nearly cowed down. Uvele wakhumbula ukuthi kufanele abonge uDonald Trump ngama-respirators ahlinzekela iSouth Africa ngawo ngesikhathi seCovid. 🙈🙈🙈 Ngivele ngahleka ngasho isiqalile iyasebenza intelezi kaDonald Trump. Esimweni sonke, mangisho ukuthi uMengameli uRamaphosi utshengisile ukuthi he is a statesman. Our President represented our country with much desired eloquence and gravitas. Not to mention surprising chutzpah! He did not come across as a pedestrian, meaning lacking wit or imagination. Ngiyanxusa abeSilo bathenge iSolezwe langoMgqibelo lapho ngihlaziye khona umhlangano phakathi kukaMengameli uDonald Trump kanye noMengameli uCyril Ramaphosa. Ngoba ngiyanithanda nina beSilo, senginganitshontshela ukuthi ingqikithi yokuhlaziya kwami ithini. Into iNingizimu Afrika egxekelwa yona akukhona ukuhlukumezwa kwaBhunu kodwa ukuhlukumezeka kwe- Israel ngesenzo seNingizimu Afrika sokumangalela i- Israel yomhlaba. Loku okwamaBhunu ukuvika ngomunwe, ongakufanisa no Dokotela Shongwe ezama ukuvika ngegqobo sikagesi ethi uyazifihla. Bayamazi abamaziyo uDokotela uShongwe ukuthi insizwa e horizontally challenged kodwa egabe ngokuba yinhle🙈🙈🙈. Ngamafuphi nina beSilo udaba olungumsusa wokubonakala kungathi kuthanda ukuba khona koqhekeko phakathi kweSouth Africa kanye neMelika is the influence that is being exerted by the PRO- ISRAEL / JEWISH LOBBY which has unfettered access to the top echelons of the leadership of America, including President Trump. Mina ngiyavuma amaJuda. Cha awuphethe umhlaba. Kukhona lesisho esivame ukushiwo amaButho esithi: WATHINTA UZULU UDAKWE YINI? Ngendlela ekwenzeka ngayo ngiyaphoxeleka ukuthi ngiqambe isisho esithi: WATHINTA AMAJUDA NOMA U-ISRAEL UDAKWE YINI? Asivume nina neSilo. Umhlaba wonke jikelele uyalisaba lelizwe lakwa Israel. When Israel sneezes, the whole world catches cold. Uma i- Israel ithi kuMelika vala uxhaso oluya eSouth Africa, iMelika ayinqabi kodwa iyabuza ithi siluvale lonke uxhaso noma siluvale kancane. Iqiniso lithi i-Israel kanye neMelika balala embhedeni owodwa. Wajijimeza i- Israel usuke ujijimeza i-America. Ngithi mina liyasatshwa izwe lakwa-Israel. Njengoba ngibhala lombhalo, Israel continues to genocidally annihilate the Palestinians, hhayi lombhedo we- Afrikaner genocide. Starting from October last year to date, close to 70 000 Palestinians have been killed by Israel. Isibhicongo sokubulawa ( genocide) kwamaPalestinians siqhubeka phezu kwemiyalelo yeNkantolo enkulu, International Court of Justice. Ngivele ngikhumbule insizwa eyamemeza emhlanganweni owawubizwe ungqongqoshe wezamaphoyisa ubaba uBheki Cele lapha kwaZulu- Natal yathi: NDOSI NIBESABANI ABELUNGU? Nami namhlanje ngiyabuza kumhlaba wonke jikelele ngithi: NILISABANI IZWE LAKWA-ISRAEL?
Ngiyafisa ukuyindlulisa inkulumo ethi awuphethe umhlaba amajuda. Isibonelo, noma izakhamuzi zaseMelika zingakhetha isishoshovu soMengameli kodwa ufike agobe alalele izwe lakwa- Israel ukuthi lithini. Empeleni zikhona izinkomba zokuthi uma uIsrael engamufuni umholi othile ukuthi akhethwe ukuba uMengameli waseMelika, kwenzeka ngezifiso zakwa- Israel. Uyedwa uMengameli kubobonke oMengameli baseMelika owaphumela obala wagxeka isihluku sokubulawa kwamaPalestinians u- Israel. Akagcinanga ngokugxeka lowomholi, waze wabhala incwadi ekhwela idilika ezweni lakwa Israeli. Lowomholi uMengameli uJimmy Carter okungenyanga zingakhi endlulile emhlabeni.
Lodaba lokuthi amaJuda ayi-chosen nation lwacishe lwakholeka ngo- 1973 empini ebizwa ngokuthi: The Yom Kippur War, also known as the Ramadan War, the October War, the 1973 Arab–Israeli War, or the Fourth Arab–Israeli. Zonke izinkomba zazikhomba ukuthi Israel was beaten. Kuthiwa kwavela ifu elimnyama zashintsha izinto adlondlobala amaJuda ayinqoba impi. Abanye Osomlando baphawula ngobunkulunkulu obumbathiswe izwe lakwaIsrael kulempi yango 1973.
Sengiphetha, iqiniso lithi iSouth Africa empeleni ikhishwa inyumbazane hhayi iMelika kodwa i- Israel. It is pay back time for taking Israel to ICJ. Kanjalo neMelika isifaka uswazi kuNingizimu Afrika ngokuba yingxenye yeBrics enoChina kanye ne Russia ebanga nabo to assert their hegemony.
Ephepheni kusoLezwe kusasa ngiphawula ngokuthi ngiphethe umnyango wezaseNdlunkulu ngesikhathi sikaMdlokombane, uma uMdlokombane ezoba nohambo lokuyobonana nobuholi obuthize, bengiyaye ngihlelele “odokotela” bakaMdlokombane ukuthi bahambe kuqala beyo”shanyela” lapho kuzogcotshwa khona inkosi yendawo noma lapho kuzoba nomhlangano khona. Usungazicabangela mfundi ukuthi “odokotela” bebeshanela kanjani kodwa engikwaziyo ukuthi leyonkundla lapho kugcotshwa khona inkosi yendawo akukho mabutho ayeba ukhanda limtshela okwakhe ngoba “odokotela” basuke bewenzile umsebenzi wabo “wokushanela.” Kanjalo nasemihlanganweni eyayiba semahhovisi, lalingawa lixhoshwe izinkukhu ukuthi ubungabona uDonald Trump ekhuluma isinomakanjani neMbube. Ukusiza umfundi. Kuzokhumbuleka ukuthi iSilo uCetshwayo uma sihlangana neNdlovukazi yamaNgisi, indlovukazi yavele yangena esimweni sendalo yabesifazane. Ngiphetha ngokuhleka ukuthi uma umuntu ebuka imedia briefing kaMengameli uTrump kanye noMengameli uRamaphosa, ubungacishe ucabange ukuthi uTrump nethimba lakhe babegcobise ivaselini yamaNazaretha noma babegqume ngendlela efanele ukuze babe nesithunzi bahlonipheke. Ezakithi bezibukeka zilula, ziphephuka. Asibuyele ezinka mbisweni zethu. Kwakuthi emva kokubhala nokuxoxa okungaka noMdlokombane, bese sishaya igazi lemvana ( red wine). Lal’uphumule Hlangamezwe.