NGUKHOMISHANA wesiFunda Amajuba uMajor-Gen Fred Alexandra, nguKhomishana wesiFundazwe uLieutenant-Gen Nhlanhla Mkhwanazi kanye noKhomishana wesiFunda uMzinyathi uMajor-Gen Francis Slambert.Isithombe. LANGELIHLE CHAGWE
KUPHUME ngisho uKhomishana wamaphoyisa wesiFundazwe saKwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ukuzoseka uKhomishana wesiFunda uMzinyathi uMajor-Gen Francis Slambert , owavulela owabe eyiphoyisa esiteshini saseDundee , iminyaka engu-39, ngaphambi kokuba axoshwe eseselelwe izinyanga eziyisithupha athathe impesheni.
Kuvelile ukuthi lona owabe eyiphoyisa ogwetshiwe namuhla uRoshanel Banawo oneminyaka engu-63, waxoshwa emva kokuba kutholakale izidakamizwa emzini wakhe.
Ekhuluma emva kokuba esegwetshiwe iminyaka eyishumi uBanawo, uthe sizoseka uzakwethu owakhelwa itulo lokuba abulawe eminyakeni emibili endlule.
“Siyasemukela isigwebo esinikezwe uBanawo futhi sizothumela umlayezo onqala kulabo abasahlela ukubulala amaphoyisa ukuthi bazoboshwa , zifike zibagwebe izinkantolo isikhathi eside,” kusho uLietenant General Mkhwanazi, eqhuba ethi, uma kunezinsolo zokuthi kukhona amaphoyisa enza ubugebengu siyawaphenya , uma kukhona ubufakazi siwabophe njengalo leli eseligwetshiwe namuhla.
Uthe isigebengu noma siyiphoyisa singasatshwa kangakanani kodwa siyasibopha thina.
Uqhube wathu uBanawo waxoshwa sekusele izinyanga eziyithupha vo ukuba aphume impesheni emva kokuba etholakale nezidakamizwa.
“Asiwafuni amaphoyisa angasebenzi ngobuqotho, siyawaphenya abhekane nengalo yomthetho,” esho.
“ Amaphoyisa ahlale eqeqeshwa , eqeqeshelwa nokudubula imbala futhi ahlale ezivocavoca ukuze amelane nezigebengu.
“Siyakujabulela ukusebenza ngokubambisana nomphakathi futhi kuyagculisa,” kuqhuba yena.
Uphethe ngokuthi idlanzana la maphoyisa eliphambana nomthetho kodwa uma sike sakuzwa lokho siyakuphenya.
UMajor-Gen Slambert ubonge kakhulu ukusekwa ngozakwabo ikakhulukazi uMkhwanazi.
Uthe ngiyabonga kakhulu ukuthi ngisadla anhlamvana njengoba uBanawo wazama izikhawu ezintathu ukungisoconga.
“Nginguphunyuka bemphethe,” kusho uSlambert, eqhuba ethi ziningi izincwadi ezazibhalelwa ukhomishana kazwelonke ngenhloso yokudicilela igama lami phansi kanye netulo lokungixoshisa emsebenzini kodwa uMkhwanazi waziphenya lezo zinsolo kwatholakala ukuthi zingamampunge.
Uphethe ngokuthi kodwa kuko konke uLieutenant-General Mkhwanazi wangiseka kukho konke njengoba elapha nanamuhla ezongeseka.
“