INKANTOLO yesiFunda yasePietermaritzburg , igwebe uLindani Gcumisa oneminyaka engu-46 , wase Mbali Unit 18,ePitermaritzburg, odilikajele abane emva kokuba elahlwe ngamacala amane okudlwengula abafanyana abane kusukela ngoFebhuwari kanye noMashi 2024.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitaimendeni, uGcumisa ugwetshwe odilikajele abane emva kokuba elahlwe ngamacala okudlwengula abafanyana abane endaweni yase Mbali Unit 18, ngonyaka ondlule goFebhuwari kanye noMashi.
Uthe esitaimendeni, ngobusuku bango mhlaka 23 Febhuwari 2024, umfanyana owabe eneminyaka engu-12, wathunywa esiphaza (Tuck shop) , wabe esecela abangani bakhe ababili ukuba bamphelekezele, ngenkathi befika esiphaza bafica uGcumisa odume kakhulu ngelika ‘Uncle Lee’ , esiphaza.
Uqhube wathi esitatimendeni, uGcumisa Aka ‘Uncle Lee’, wabe esebiza lo mfanyana oneminyaka engu-12, wahamba naye waya endlini yakhe wafike wamdlwengula, wabe esemnika imvalamlomo yemali engu-R5 , wathi angalithi vu lolu daba lokudlwengulwa kwakhe.
“ Omunye wabangani balo mfanyana wamtshela ukuthi akakhumule ibhuluke , babe sebehlola izinqe zakhe (check buttocks),” kusho uColonel Netshiunda esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni, emva kokuba abangani balo mfana oneminyaka engu-12 , bebona ukuthi kwabe kunokusaketshezane ezinqeni zalono (umngani), babe sebemtshela ukuthi atshele umama wakhe.
“Ngempela isizulu senza njengoba sasiyalelwe ngabangani baso, kwabe sekuvulwa icala waboshwa uGcumisa,” kusho yena esitatimendeni, eqhuba ethi, uphenyo lwa maphoyisa lwaveza ukuthi ubengaqali ukudlwengulwa nguyena u-Uncle Lee , lo mfanyana.
Uqhube wathi esitatimendeni, ngokuqhubeka kophenyo ngaboPhiko lwe Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit, kwaphinde kwavela ukuthi , ababili babangani bakamgilwa abaneminyaka engu-10 newu-13, nabo badlwengulwa nguye u-Uncle Lee (uGcumisa) kanye nomunye olamana nomunye wabagilwa oneminyaka engu-9,.
Ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthe esitatimendeni, ngingcoma kakhulu umsebenzi omuhle owenziwe ngumphenyi wecala oholele ekugwetshweni kwalesigilamkhuba.
Uphinde wancoma inkantolo ngokususa lesi sigilamkhuba emphakathini ngokusigweba odilikajele abane.
“Udaba lwezisulu zokudlwengula silithathela phezulu esiFundazweni saKwaZulu-Natal, kanti izigwebo ezifana nalezi zikhuthaza ukuthi amaphoyisa asebenze ngokukhulu ukuzikhandla nokuzimisela,kusho uMkhwanazi esitatimendeni.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, ngikhuthaza zonke izisulu zokudlwengulwa ukuba zizibike lezi zigameko , kubazali nasemaphoyiseni.